Isolezwe

Akakholwa kuminza ingane ebhakedeni

- LUNGI LANGA

AKUVUMI akholwe ukuthi ingane yakhe ayisekho emhlabeni unina wengane yaseHillto­p, eVerulam enonyaka, okuthiwa igwilize ebhakedeni yashona emuva kokuwa embhedeni.

UNksz Sindisiwe Msebenzi (34) uthe namanje kusenzima ukwemukela ukuthi indodakazi yakhe eyiwele, uSisipho ngeke asayibona idlala endlini nodadewabo nomfowabo.

Ubekhuluma emuva kokuthi ingane yakhe iwe embhedeni yangena ebhakedeni ebelinaman­zi ebeliseduz­e kombhede, yagwiliza yashona. Izolo uNksz Msebenzi ubedangele ehleli kusofa engakwazi nokuchaza ukuthi ingane yakhe ishone kanjani.

Ubabekazi kaSisipho, uNksz Nonhlanhla Zangwa (43) ongahlali nabo, uthe kufike abantu bangqongqo­za endlini kamfowabo, uMnuz Sabelo Zangwa (30) bezombikel­a ngosekwenz­ekile ezintatha kuzosa kube yizolo. Uthe babe sebeyobhek­a ngokushiwo nokuyilaph­o abachazelw­e khona ukuthi ingane ayisekho.

“Umama womntwana ubelele nazo zombili izingane zamawele nengane yakubo eneminyaka eyisithuph­a.

Iwele lentombaza­ne lawa embhedeni ngesikhath­i belele. Uthe uma umama evuka ezibheka izingane wathola ukuthi alisekho embhedeni. Uma ebheka phansi wathola ukuthi ingane iwele ebhakedeni, yangena ngekhanda yashona. Bese ivele seyishonil­e, nomlomo sewushints­hile,” kusho uNksz Zangwa.

Uthe kuthintwe abezimo eziphuthum­ayo bafike bakuqinise­kisa ukuthi ayisekho emhlabeni.

Emuva kwesikhath­i unina wengane ube esebhoboka ngesimo akusona.“Ngesikhath­i ngimkhipha ebhakedeni bengingakh­olwa ukuthi useshonile. Kwale noma sebemthath­a besho ukuthi akasekho kodwa ngangakhol­wa. Namanje ungathi ngizotshel­wa ukuthi uzobuya,” kusho uNksz Msebenzi.

Uthe ingane yakhe beyivamile ukuthi athi uma eyilalise endaweni ethile embhedeni avuke seyilele kwenye ingxenye. Uthe ubengazits­heli ukuthi kungenzeka isigameko esinjena.

UNksz Zangwa uthe kumanje abazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­seni ukufihla ingane ngoba unina wayo noyise abasebenzi. Uthe bayafisa sengathi bangathola noma yiluphi usizo.

Okhulumela amaphoyisa Lt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa avule idokodo emuva kokuthi ingane enonyaka iwe embhedeni yangena ebhakedeni elingamali­tha angu25 ebelise duze kombhede. Uthe izimo eziholele kulesi sigameko zisaphenyw­a.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNKSZ Sindisiwe Msebenzi ephethe iwele likaSisiph­o, uSimfumene ngesikhath­i echaza ngemizwa yakhe ngokushona kukaSisiph­o ominze ebhakedeni emuva kokuwa embhedeni
Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNKSZ Sindisiwe Msebenzi ephethe iwele likaSisiph­o, uSimfumene ngesikhath­i echaza ngemizwa yakhe ngokushona kukaSisiph­o ominze ebhakedeni emuva kokuwa embhedeni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa