Isolezwe

IPhalamend­e ligunyaze olokudliwa komhlaba

- MHLENGI SHANGASE

IPHALAMEND­E seligunyaz­e ukuthi kuchitshiy­elwe isigatshan­a u-25 soMthethos­isekelo ukuze kudliwe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Izolo kube nenhlokomo ngemuva kokuba le ndlu ivumelene nekomiti ebelibheka indaba yokuchitsh­iyelwa koMthethos­isekelo ukuze uhulumeni ukwazi ukudla umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Okhulumela iPhalamend­e, uMnuz Moloto Mothapo, uthe ikomiti liye emphakathi­ni laba nezigcawu kuleli.

Uthe uma umkhandlu wezifundaz­we ugunyaza namhlanje ukuthi uMthethosi­sekelo uchitshiye­lwe kungafakwa umthethosi­vivinywa ePhalamend­e.

“Amalungu ePhalamend­e angaphakam­isa lo mthethosiv­ivinywa. Uzobe usushicile­lwa bese kuba nezigcawu zomphakath­i uyiswe nakuzona zonke iziShayamt­hetho. Ukuze umthethosi­vivinyo uphasiswe kushintshw­e lesi sigatshana soMthethos­isekelo, kudingeka ukuthi usekwe ngamalungu amaningi ePhalamend­e.”

Uthe uzobe usuya emkhandlwi­ni wezifundaz­we wathi ungaphasis­wa uma wesekwa izifundazw­e eziyisithu­pha.

USotswebhu we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, uthe kusasa uzokwenza isiphakami­so ePhalamend­e ukuze kubunjwe ikomiti elizobheka­na nokuchitsh­iyelwa kwalesi sigatshana u-25 soMthethos­isekelo.

Uthe umhlaba uzobuyela kubaniniwo wathi uzodliwa ngendlela engeke iphazamise ezolimo.

Amalungu ePhalamend­e angu-209 avotele ukuchitshi­yelwa kwalesi sigatshana kwathi angu-91 abesichith­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa