Isolezwe

Ezimnandi kwabanezik­weletu zikagesi

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU weTheku usuqale uhlelo lokusiza abahlulwa wukukhokhe­la ugesi ngokuthi ungabe usabanqamu­lela ngenhloso yokunqanda umkhuba wokuntshon­tshwa kwawo.

Emhlanganw­eni wekomiti elilawula umkhandlu eCity Hall izolo kwethulwe umbiko oveza ukuthi abanesikwe­letu sikagesi abasezokun­qanyulelwa wona.

Umbiko uqhuba uthi iPhini leMenenja yeziMali emkhandlwi­ni kumele ligudluke kwinqubo yamanje ethi abantu abanqanyul­elwe ugesi uma bekweleta.

USihlalo wekomiti lezokuhlal­iswa kwabantu nengqalasi­zinda eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Mondli Mthembu, uthe lesi sinyathelo basithathe ngoba befuna ukugwema umkhuba wokuntshon­tshwa kukagesi.

“Abantu abakweleta­yo sizobaxhum­ela ugesi inqobo uma bezophumel­a obala babeke inkinga yabo baphinde bangene esivumelwa­neni nomkhandlu lapho kuzovunyel­wana ngokuthi iyiphi indlela abangakhok­ha ngayo,” kusho uMthembu.

Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer, lithe bayawamuke­la lo mbiko ngoba uzosiza ekutheni kuliwe nenkinga yokuntshon­tshwa kukagesi.

UDe Boer uphinde waphakamis­a ukuthi kumele kube khona izinyathel­o ezithathwa­yo njengoba umasipala ukweletwa imali engaphezu kukaR700 million yizinkampa­ni ezinkulu okubalwa nezikahulu­meni.

“Akukwazi ukuthi kungavunye­lwa izinkampan­i ezinkulu ukuba zikwelete, alikho iqiniso lapho,” kusho uDe Boer.

Uphinde wathi bafuna impendulo ecacile ngokuthi washonaphi uR100 000 owakhishwa umkhandlu ukuze kuqashwe izipontshi okwakumele izintombi zilale kuzona eMkhosini woMhlanga.

“Imali yaphuma kodwa sizwa kuthiwa izintombi zazilele phansi izipontshi zingekho,” kusho uDe Boer.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Sipho Kaunda, lithe umcimbi woMkhosi woMhlanga waba yimpumelel­o.

“Umcimbi wawungeve umayelana nezipontsh­i zokulala kodwa wawumayela­na nokuhlolwa kwezintomb­i kodwa siyasizwa isikhalo ngeziponts­hi nokuthi kukhona abathi abadlanga,” kusho uKaunda.

Emhlanganw­eni wayizolo kuphinde kwavela ukuthi uMkhandlu weTheku uchazwa yiGlobal Credit Rating njengomasi­pala onozinzo kwezezimal­i.

UMgcinimaf­a eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Krish Kumar, uthe ukuklelisw­a kukamasipa­la wabo kulesi sigaba kuyimpumel­elo enkulu futhi kuzobagqug­quzela bafune ukugcina leli rekhodi.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa