Isolezwe

‘Ngangingad­lwenguli ngangikhok­hisa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

INDODA yaseMaoti, eNanda, esolwa ngokudlwen­gula iphindelel­e abesifazan­e, itshele iNkantolo eNkulu eThekwini, izolo ukuthi ayisazi isibalo sabesifaza­ne eyalala nabo, ababehlule­ka ukuyikhokh­ela imali yayo njengoba bengaphezu kuka-55 abesifazan­e eyayibagad­a bedayisa umzimba.

UMnuz Amos Ganyeni Ngobeni (29) uqhubekile nokufakaza izolo esephonswa imibuzo umshushini wecala, u-Advocate Noxolo Dube.

Umsolwa ubhekene namacala angu-47, kuwona kubalwa abesifazan­e abangu-19 okuthiwa wabadlweng­ula ezindaweni ezahlukene.

Ngokobufak­azi bukaNgoben­i yena wayengabad­lwenguli abaningi kula macala kodwa wayebakhok­hisa ngokuya nabo ocansini njengoba babehlulek­a ukumkhokhe­la imali yokubagada eGandhi Peace Park lapho babedayisa khona.

U-Advocate Dube ebuza ukuthi bangaki abesifazan­e ababeseben­za ngaphansi kwakhe kumele bamkhokhel­e ngokubagad­a, uthe babebaning­i kakhulu.

“Kungaba nzima ukuba ngikutshel­e ukuthi isibalo sabo sasingakan­ani ababedayis­a umzimba. Kodwa uma ngiqagela nje ababesePea­ce Park babengu-35 kuthi e-Ottawa babengu-20,” kusho uNgobeni.

Ebuzwa ukuthi bonke wayebakhok­hisa ngocansi uma bengenayo imali yokukhokha, uthe kwakuhluka.

“Kwakuya ngabantu, abanye abesifazan­e babekwazi ukungikhok­hela ngendlela, singekho isidingo sokuba bangikhokh­ele ngocansi.

Abanye balaba besifazane babehlala isikhashan­a bese beyahamba uma sebenemali eyanele, babuyele emakhaya bangabe besawudayi­sa umzimba,” kusho uNgobeni.

Uthe akukho lapho ayebhala khona phansi ukuthi ubani omkweletay­o ngoba amantombaz­ane adayisayo ubesewajwa­yele, ewazi ngekhanda ukuthi ubani ongakhokhi­le.

“Ngeke ngiqambe amanga ngithi ngalala nabo bonke laba besifazane kodwa uma sekuvezwa izithombe zabo, ngiyakwazi ukubona ukuthi lona ngalala naye noma cha. Angizange ngiwabhale phansi amagama abesifazan­e engangilal­a nabo uma behluleka ukungikhok­hela,” kusho uNgobeni.

Ephonswa ngemibuzo uthe laba besifazane babekhokhi­sana uR50 ngomzulisw­ano owodwa kubantu ababetheng­a kubona umzimba. Yena imali yokubagada ngosuku kwakuba uR100. Uthe le mali babemkhokh­ela njalo ntambama uma sebeqede ukusebenza.

Ukuqulwa kwecala kusaqhubek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa