Abafundi abanalo isasasa lemiphumela
yonke le minyaka emine, yingakho ngingayanga koyilanda,” kusho uNtetha.
Uthe ukungayitholi imiphumela yakhe kumenze walahlekelwa yisikhathi sakhe okungabe wasisebenzisa wayofundela i-Electrical Engineering ayezimisele ukuyifunda.
“Njengamanje nginengane engingakwazi ukuyondla ngendlela ngoba imisebenzi eminingi ifuna umuntu ono-matric mina anginawo. Angikwazi nokuqhubeka ngiyofunda ngoba kufuneka sona isitifiketi sakwamatric noma imiphumela, anginako kokubili,” kusho uNtetha.
UBhekani Ngcobo (24), naye obeselinde imiphumela iminyaka emine, uthe uzwile ngaleyo miphumela kodwa akayilandanga ngoba akuyona abeyilindele.
UNgcobo uthe ugcine esephoqeleka ukuthi afundele ukuthunga okuyinto abengayithandi ngoba ubengenabo ubufakazi bokuthi wawufunda u-matric.
“Ngangifuna ukwenza iHuman Resource Management kodwa angikwazanga ngenxa yemiphumela yami eyabanjwa ngo-2014. Kubuhlungu okwenzeka kithi ngoba ababefunda ngemuva kwethu bayaqeda ukufunda emanyuvesi, ngisho nabaselamayo nabo abafunda kuso lesi sikole ngemuva kwethu ababanga nankinga, thina sibambekile kuthiwa sakopela kodwa abukho ubufakazi esitshelwa bona bokuthi sakopela,” kusho yena.
UNtetha noNgcobo bangabanye ababafundi baka-matric ngo-2014 ababanjelwa imiphumelaya yabo. Uthishanhloko walesi sikole, uMnuz Zacharia Ntanzi, wamiswa kulesi sikole ngo-Agasti esolwa ngokugovuza abafundi abase bevala amasango ezikole zakule ndawo ngawo u-Agasti.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, ukuvumile ukuthi uNtanzi washintshelwa kwesinye isikole ngempoqo njengoba umnyango usaqhubeka nokumphenya ngezinsolo zokuthi wasiza abafundi ukuthi bakopele.