Isolezwe

Kuvalwe iwindi kwiNSFAS zeqile ku-400 000 izicelo

- MHLENGI SHANGASE

SITHOLE izicelo ezingaphez­u kuka-400 000 isikhwama esixhasa izitshuden­i ngemali yokufunda, ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, izolo ekhuluma nabezindab­a eKapa emuva kokuvalwa kwewindi lokufaka izicelo ngeSonto.

UNkk Pandor uthe kudingeka abalesi sikhwama bacubungul­e izicelo zoxhaso.

“Ngosuku iNSFAS ithole izicelo ezingu-3 200, kwathi sekusondel­e yathola ezingu-30 000.

U-63% wezicelo ezabesifaz­ane, ezingu-37% ezabesilis­a.”

Uthe iNSFAS ithole izicelo ezingu-34 413 zabahola impesheni kahulumeni.

“Izitshuden­i ezihola le mali zizoluthol­a uxhaso uma sezibhalis­iwe emakolishi amakhono nasemanyuv­esi. Sikhathaze­kile ngokuthi u-24% wezicelo ezezitshud­eni ezifuna ukufunda emakolishi, kuthi u-88% owabafuna ukufunda emanyuvesi,” kusho uNkk Pandor.

Uthe iKwaZulu-Natal yiyona enesibalo esikhulu sezicelo, zingu-95 523, iNorthern Cape yiyona ebe nesibalo esincane ngo-2 573.

Uqhube wathi unethemba lokuthi ngonyaka ozayo lesi sikhwama ngeke sibe nezinkinga.

Kube nezikhalo ngokuthi bekuba nokubambez­eleka ekukhishwe­ni kwemali yokuxhasa izitshuden­i.

“Siye emasontwen­i, saya kubafundi kuleli ukuze sibagqugqu­zele ukuthi bafake izicelo zoxhaso. I-NSFAS ingazise ukuthi abafake izicelo bayajabula ngoba sebekwazi ukufaka izicelo besebenzis­a amaselula. Ukuze umuntu athole uxhaso kudingeka ahlangabez­ane nemibandel­a ebekiwe. Bazothola imali yokufunda neyezincwa­di, ukudla nendawo yokuhlala.”

Usincomile isinqumo sakhe sokuqoka uDkt Randall Carolissen ukulawula lesi sikhwama.

“Sikulungel­e ukukhipha uR32 billion sixhase izitshuden­i ezingaphez­ulu kuka777 000. Abafake izicelo bazothola i-sms ekuqaleni kwenyanga ezayo (Januwari) yingakho sibanxusa ukuthi bangazishi­ntshi izinombolo zabo zocingo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa