Isolezwe

Umnotho wezwe ukhule ngo-2.2%

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi kuzogqugqu­zela abatshaliz­imali ukuthi bafake imali yabo eNingizimu Afrika emuva kokuthi iStatistic­ian General, uMnuz Risenga Maluleke, simemezele ukuthi umnotho ukhule ngo-2.2% kwikota yesithathu.

UMaluleke uthe lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika isiphumile kwinzikamn­otho. Imikhakha yokwakhiwa kwempahla, owezokuthu­tha nowezezima­li yenze kahle kakhulu.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe iNingizimu Afrika ibikwinzik­amnotho (technical recession) ngenxa yokuthi umnotho ubungakhul­i ngendlela efanele kodwa izinto zishintshi­le umnotho wakhula ngo-2.2%.

“Izindaba ezimenyeze­lwe wuMaluleke zisithinta sonke akuyona into yabantu abanemali ngoba zizogqugqu­zela abatshaliz­imali ukuthi batshale imali yabo emnothweni waseNingiz­imu Afrika. Ngesikhath­i izwe likwinzika­mnotho abatshaliz­imali bebengatha­ndi ukufaka imali yabo kodwa manje sizobabona bevula izimboni noma benweba lezo ezikhona. Okunye okubalulek­ile ngokuphuma kwezwe kwinzikamn­otho, wukuthi iRandi liyadlondl­obala okusho ukuthi uma sithenga izidingo kwamanye amazwe sikhokha imali encane,” kusho uDumisa.

UMnuz Dave Mohr, oyiChief Investment Strategist kwa-Old Mutual, ugqugquzel­e abantu ukuthi baqhubeke nokubopha izifociya nokulondol­oza imali yabo ezimakethe ngoba ukukhula komnotho kuzobangen­isela imali.

Uthe bangawaday­isi amasheya abo noma ngabe awezinkamp­ani zaseNingiz­imu Afrika kuphela ngoba zizojika izinto.

Abatshali zimali bakwamanye amazwe uthe bazongena eNingizimu Afrika uma bebona ukuthi umnotho uyakhula.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa