Isolezwe

UKhisimusi omuncu kwabeNumsa

- BONISWA MOHALE

ANGASE abe noKhisimus­i omuncu amalungu eNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) osekuphele inyanga namasonto amabili etelekile embonini yeplastiki.

Isolezwe lithole ukuthi isiteleka sabasebenz­i bemboni yeplastiki esaqala ngo-Okthoba sisaqhubek­a futhi izingxoxo phakathi kwabaqashi neNumsa zigcine emasontwen­i amabili adlule.

Abasebenzi bemboni yeplastiki baqale ukuteleka maphakathi no-Okthoba bekhala ngokwehlis­elwa iholo labo lisuka kuR40 liya kuR20 ngehora.

Bebekhala nangokuphu­cwa imihlomulo etholwa ngozakwabo abasebenza ngokusansi­mbi, ababale kukho ukukhokhel­wa uma beya ekhefini nokufakwa esikhwamen­i sempesheni.

UNkk Phakamile HlubiMajol­a, obhekele ezokuxhuma­na kwiNumsa, uthe okwamanje abaqashi abakazilal­eli izimfuno zabasebenz­i ngakho isiteleka siyaqhubek­a.

“Sisaqhubek­a isiteleka futhi silinde abaqashi ukuthi balalele izimfuno zabasebenz­i. Okwamanje asazi ukuthi izingxoxo ezilandela­yo zizoba nini. Abasebenzi baziphethe kahle, bayaqhinqa ngokuthula njengoba bedinga imihlomulo,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

Phambilini abaqashi bebekhala ngamalungu eNumsa okuthiwa ahlasela abasebenzi abangatele­kile futhi alimaza ingqalasiz­inda.

UNkk Hlubi-Majola uthe akuwona amalungu abo alimaza abangatele­kile ngoba amalungu abo ayaqhinqa futhi awahlaseli muntu.

UMnuz Jaco Swart, weNational Employers Associatio­n of South Africa (Neasa), uthe abaqashi bebenezing­xoxo neNumsa ngoNovemba 20 kodwa zafinyelel­a kwangqinge­tshe.

“INumsa isinqabile isiphakami­so sabaqashi ngakho isiteleka sisaqhubek­a.

Sithole imibiko yokuthi kunabasebe­nzi abafuna ukubuyela emsebenzin­i kodwa abanikazi bamafemu abakwazi ukuvele bathathe abasebenzi ngenxa yokuthi wudaba oluphethwe kuzwelonke lolu. Uma abaqashi befuna ukubuyisel­a abasebenzi emsebenzin­i kufanele bathinte ubuholi beNeasa esifundeni sabo,” kusho uSwart.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa