Isolezwe

Kufunwa amadoda abaleke noR154 000 wesitolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAFUNWA uthuli amaphoyisa abesilisa abathathu okuthiwa bagasele esitolo eBuzi Cash & Carry oLundi bashaqa imali enguR154 000 bashaya bachitha nayo.

Lesi sigameko okuthiwa sishiye umphakathi waseMtikin­i, oLundi, ushaqekile senzeke ngoMsombul­uko ngesikhath­i kufika imoto ebithi izolanda imali kulesi sitolo.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo osondelene nalolu daba ngabo-1 emini kugasele amadoda amabili, eyodwa kuthiwa yona ibiqaphe ngaphandle kwasesitol­o.

Umthombo uthe indoda eyodwa ingene kulesi sitolo iqhuba ngesibhamu unogada wemoto ethwala imali. Kuthiwa iqonde kwisisefo esigcina imali. Ibe isibiza omunye wesifazane okukhokhwa kuyena ukuba naye eze lapho kukhona isisefo esigcina imali.

Kuthiwa indoda iphoqe unogada ukuba avule isisefo kodwa wavele wanikeza yona ukhiye.

Kuthiwa indoda ivule isisefo yathatha imali.

“Imali okutholwe ukuthi ithathwe yila madoda kube wuR154 000,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa.

Ngaphezu kwalokho kuphoqwe lo wesifazane oshaya i-till ukuba ayokhipha enye imali nayo yathathwa. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa enye indoda ibikhipha imali kuwo wonke ama-till esitolo.

Kuthiwa amadoda amabili aphume esitolo nemali esephethe nesibhamu sikanogada. Akwaziwa ukuthi la madoda ababaleke ngani endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe bathungath­a amadoda amathathu basaphenya ngalesi sigameko.

“Kuvulwe icala lokubanjwa inkunzi esitolo. Kusaphenyw­a ukuze kutholakal­e konke okwenzekil­e kulesi sigameko. Amaphoyisa athungatha abasolwa, akekho oseboshiwe,” kusho uZwane.

Imizamo yokuthola umnikazi wesitolo ayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zakhe zingazange zitholakal­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa