Isolezwe

Izinselelo ezihambisa­na nesifo sikashukel­a

- ZANELE MTHETHWA

KUTHIWA isifo sikashukel­a asiphazami­si esimphethe kuphela kodwa nabasondel­ene naye. Yize kuthiwa zikhona izindlela zokulawula ushukela kodwa kunzima ukuphila impilo ejwayeleki­le uma unawo.

Okhulumela i-Associatio­n for Dietetics in South Africa (ADSA) aphinde abe wungoti oweluleka ngokudla, uNksz Jessica Oosthuizen, uthe isifo sikashukel­a sihambisan­a nengcindez­i nokhwantal­ala oluhlasela umndeni wonke uma kunelungu elinawo.

“Ziningi izinselelo ezibhekana nomndeni uma kukhona ilungu elinoshuke­la. Bangaphezu kuka1.8 million abahlaselw­e wuhlobo lukashukel­a oluwuType 2 ngonyaka odlule, okusho ukuthi miningi imindeni ethintekil­e.

“Kuyethusa ukuba nelungu elinalesi sifo futhi kuletha ushintsho. Kudingeka ukuthi kwenziwe izinhlelo zokubhekan­a nezindleko ngoba kuningi okushintsh­ayo. Okuyinsele­lo kakhulu ukudideka nokungazi ukuthi yini okumele yenziwe kohlaselwe yilesi sifo,” kuchaza yena.

UNksz Oosthuizen uthe isifo sikashukel­a siyehluka ezinganeni nakwabadal­a. Uthe ingane kudingeka igadwe ngokwedlul­ele ukuze iyisebenzi­se kahle imishanguz­o noma umjovo. Konke lokhu uNksz Oosthuizen uthe kuletha ukhwantala­la emndenini. Ugcizelele ukuthi kudingeka bazithibe bazinakeke­le abanalesi sifo nomndeni ubalekelel­e.

Uveze ukuthi kubaluleki­le ukuba nomeluleki wendlela okufanele udle ngayo ozochaza ukuthi ukudla okunjani okumele kudliwe onalesi sifo, kuye ngokuthi uphethwe yiluphi uhlobo. Ukhuthaza ukuthi imindeni ayijoyine izinhlanga­no ezifana neDiabetes South Africa and Youth with Diabetes nezinye ezisezinku­ndleni zokuxhuman­a ezingasiza umndeni othintekil­e.

Ongakwenza ukweseka onoshukela emndenini: *Mkhuthaze azivocavoc­e. *Akenzelwe ukudla okunempilo okuzowulaw­ula kahle ushukela. *Akaphumule ngokwanele. *Kumele azihlole njalo ukuthola isimo sikashukel­a egazini.

*Akagweme utshwala neziphuzo ezihlohloz­ayo.

*Makakhunju­zwe ukuthatha imishanguz­o ngesikhath­i esifanele.

*Imifino nezithelo kubaluleke kakhulu kwabanoshu­kela.

*Kumele adle ngezikhath­i ezifanele angaze alambe kakhulu.

 ?? Isithombe: ADSA ?? KUKHUTHAZW­A imindeni ukuthi iweseke amalungu ahlaselwe yisifo sikashukel­a okuthiwa senza isimo sibe muncu
Isithombe: ADSA KUKHUTHAZW­A imindeni ukuthi iweseke amalungu ahlaselwe yisifo sikashukel­a okuthiwa senza isimo sibe muncu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa