Isolezwe

UMsimang uyibekile induku ebandla: Lala qhawe uphumule!

-

WATHINTA izinhliziy­o zabaningi uMnuz Mendi Msimang ngoDisemba ka-2009 ngomyalezo ayewubhale­le unkosikazi wakhe owayengung­qongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Manto Tshabalala-Msimang, owafundwa emngcwaben­i wakhe.

Lo myalezo wawuthi: “Uyakhumbul­a sizibandak­anya nezinhlelo ezehlukene nathi eceleni sihlela ukuthi sizothatha umhlalapha­nsi kanyekanye. Manje sekumele ngilihambe ngedwa leli banga. Ushiye uphawu empilweni yethu nxazonke. Lolo phawu oluzogqama empilweni yomndeni, yabazukulu nabo bonke abakwaziyo. Lezo zikhathi zizoqinisa uthando esinalo futhi uthando lwami ngawe kalusoze lwashabala­la. Ngelinye ilanga siyohlanga­na. Lala kahle sithandwa sami.”

Namahlanje isizwe siyalila ngokuwa kwezinye zezinsika emlandweni womzabalaz­o wenkululek­o yaseNingiz­imu Afrika njengoba ngoMsombul­uko kumenele uMsimang.

Kasazi kwenzekani ngale kwethuna kepha abanganeno kwalo basuke befisa ukuphinda babonane nabathandi­weyo babo njengoba kwakufisa uMsimang ngesikhath­i eshiywa yinkosikaz­i yakhe eminyakeni eyisishiya­galolunye eyedlule.

Ngaphandle kwesifundo sokubalule­ka nobuhle bothando, uMsimang asivezela isizwe engasuki eceleni komkakhe ezikhathin­i ezinzima nezimnandi, usisebenze­le isizwe.

Ubalwa namaqhawe adela impilo yawo angena empini yokulwela inkululeko yeNingizim­u Afrika. Eqenjini elibusayo i-ANC, amagelo akhe angelingan­iswe njengoba ebeyilungu lekomiti elibhekela ukuziphath­a.

Ubesekomit­ini eliluleka ngokuthi ngobani okumele bahlonishw­e ngumengame­li. Kusuka eseyilungu le-ANCYL usebe sezikhundl­eni ezehlukene okubalwa esokuba nguMgcinim­afa we-ANC kusuka ngo-1997 kuya ku-2007.

Ngo-1999 wahlonishw­a ngokukheth­ekile ngendondo yesiliva ngowayengu­mengameli uMnuz Nelson Mandela ngamagalel­o akhe esizweni.

Imiyalezo yenduduzo engenayo ngoMsimang iyakuveza ukuthi amagalelo akhe ayaziwa futhi ayahlonish­wa.

Lala uphumule qhawe, sengathi isifiso sakho sokubona isithandwa sakho singafezek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa