Isolezwe

Konakele emtholampi­lo oKwaDabeka

-

MHLELI: Sicela uMnyango wezeMpilo nohulumeni angenelele kungaze konakale kakhulu ngoba singabaseb­enzi bomtholamp­ilo waKwaDabek­a sesicabang­a ukubeka phansi amathuluzi.

Sizamile ukubonisan­a nabaphathi balo mtholampil­o akulungi kahle. Nazi ezinye izinkinga: Abasenzi sebeke bahambisa nohla lwezikhalo kodwa akulungi – abaphathi bathembisa ukulungisa izinto kunenkunzi enguHuman Resources Manager eqinisa ikhanda engafuni ukuza emhlanganw­eni yabasebenz­i ukulalela izikhalo kulungiswe nesimo.

Okubi ngalo HR Manager uyena oshaya amaphiko ngisho isikhulu esiphezulu somtholamp­ilo siyamsaba sizwa yena.

Abasebenzi abanezikha­lo uyabasabis­a ngokuthi uzobaxosha emsebenzin­i.

Okubuhlung­u ngalo mphathi uzenza ikholwa elikhulu futhi nomphakath­i ukhala ngokuthi lapho ekhonza khona uthembisa abantu imisebenzi athi bangamatra­nsfer alethwe uMnyango wesiFunda wezeMpilo (Ethekwini).

Sicele kuphenywe ezezimali kulo mtholampil­o. Ngisho izinto zokusebenz­a ziyashoda.

Nonesi bayashoda kakhulu kodwa banomthamo omkhulu weziguli.

UHR noFinance Manager noSystems Manager bangamathe nolimi – engathi babesebenz­a nndawonye lapho beqhumuka khona. Bahlangene ngezezimal­i zomnyango bobathathu.

Uma kubuzwa uFinance Manager uthi amathenda ashodisa impahla ngisho okukubhand­isha izilonda.

Nendawo okulinda kuyo iziguli iphuquka uthuli yize kusanda kukhishwa ithenda yokulungis­a le ndawo, akuphenywe kuzogula iziguli.

Kunobandlu­lulo odokotela abamnyama bayahlukun­yezwa baze bazihambel­e.

Nomunye osele oyedwa uyahlukuny­ezwa ubekwa amacala angekho.Ngisho ohlelweni lokukhutha­za abasebenzi, i-EPMDS, wonke umuntu kulo mtholampil­o uthola u-3 (nokusho ukuthi wenza umsebenzi ogculisayo) yize abasebenzi bezikhandl­a umsebenzi umningi.

Bathwele kanzima abasebenzi ngoba kuyagcwala kulo mtholampil­o.

Sicela umnyango uphenye ukuthi izimali zishonaphi uma kuhlushekw­a kangaka kulo mthompilo yize imali ingena minyaka yonke.

Ezinye zezikhulu azinayo inhlonipho kubasebenz­i abangaphan­si kwazo.

Nomabhalan­e bayashoda, kusebenza amavolonti­ya nawo okunzima ukuthi alandelwe ngomsebenz­i ngoba awaholi; umnyango awungenele­le.

Kuduka amakhadi eziguli ngenxa yomsebenzi omningi komabhalan­e.

Sicela nama-pharmacist abantu abamnyama aqashwe nawo kungabi ama-pharmacy assistant wodwa amnyama.

Sicela wonke umsebenzi athole ithuba lokukhula afundiswe emsebenzin­i.

Nabahlanzi bezindlu bakhala ngenyufomu yokusebenz­a eshodayo abanye awabalinga­ni baze baphoqelek­e ukuyiphind­a kaningi lokhu kuletha amagciwane. Awathengwe bo noma banikwe imali esekhona.

Nemiholo yabasebenz­i ayicutshun­gulwe ukuthola ukuthi bahola ngendlela ebafanele yini? Okhathazek­ile ECLERMONT

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa