AbeSimangaliso abanawo amandla kwezemayini
ISIKHULU esiphezulu saseSimangaliso Wetland Park, uMnuz Sibusiso Bukhosini siveze ukuthi asinawo amandla okumisa ukuvulwa kwemayini kule paki ngoba wuMnyango wezokuMbiwa-Phansi onelungelo lokukhipha imvume yemayini.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe uBukhosini uthe ngesikhathi kunenkundla yokwethula iziphakamiso nabo beyiSimangaliso Wetland Park, bahambise izethulo zabo ezishoyo ukuthi uma kunemayini imvelo izothinteka kanjani.
“Umsebenzi wethu wukuletha ulwazi kubantu lokuthi uma kunemayini kuzokwenzekani eSimangaliso. Akukho emandleni ethu ukuvuma ukuthi kube nemayini ngoba lokho kuzokwenziwa wuMnyango wokuMbiwa-Phansi. Okwethu wukuletha izethulo njengoba bekunikezwe zonke izinhlaka ezithintekayo ithuba lokuthi zize nemibono yazo,” kusho uBukhosini.
Uthe akukho azokwenza eSimangaliso okungeke kwaziwe wumphakathi ngoba ufuna ukuqinisekisa ukuthi ubudlelwano bepaki nemiphakathi eyakhelene nayo buhle.
UMnuz Vusumuzi Nomandla onguNobhala wenhlangano ebhekele imiphakathi eyakhelene neSimangaliso Wetland Park, iPeople and Parks eSimangaliso uthe kunamachibi nesiqiwi endaweni konke okuthandwa yizivakashi.
“Le ndawo ingakwazi ukuba nechweba uma ithuthukiswa ngendlela efanele. Siyathemba ukuthi njengoba sekunesikhulu esisha zonke izinhlelo zentuthuko zizobhekwa ngeso elibanzi. Ngaphandle kwentuthuko kusenenkinga yodaba lokubuyiswa komhlaba ngoba baningi abantu abasuswa ngesihluku eSimangaliso kodwa abangenabo ubunikazi bale ndawo futhi abangahlomuli ngendlela efanele. Zonke lezi zinto sifuna zilungiswe,” kusho uNomandla.
Uthe ufuna nokuthi uma kunamathuba omsebenzi kuhlomule izinkampani zosomabhizinisi bendawo kungaqashwa izinkampani zabamhlophe kuphela njengoba bekwenzeka kudala.