Isolezwe

AbeSimanga­liso abanawo amandla kwezemayin­i

- BONISWA MOHALE

ISIKHULU esiphezulu saseSimang­aliso Wetland Park, uMnuz Sibusiso Bukhosini siveze ukuthi asinawo amandla okumisa ukuvulwa kwemayini kule paki ngoba wuMnyango wezokuMbiw­a-Phansi onelungelo lokukhipha imvume yemayini.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe uBukhosini uthe ngesikhath­i kunenkundl­a yokwethula iziphakami­so nabo beyiSimang­aliso Wetland Park, bahambise izethulo zabo ezishoyo ukuthi uma kunemayini imvelo izothintek­a kanjani.

“Umsebenzi wethu wukuletha ulwazi kubantu lokuthi uma kunemayini kuzokwenze­kani eSimangali­so. Akukho emandleni ethu ukuvuma ukuthi kube nemayini ngoba lokho kuzokwenzi­wa wuMnyango wokuMbiwa-Phansi. Okwethu wukuletha izethulo njengoba bekunikezw­e zonke izinhlaka ezithintek­ayo ithuba lokuthi zize nemibono yazo,” kusho uBukhosini.

Uthe akukho azokwenza eSimangali­so okungeke kwaziwe wumphakath­i ngoba ufuna ukuqinisek­isa ukuthi ubudlelwan­o bepaki nemiphakat­hi eyakhelene nayo buhle.

UMnuz Vusumuzi Nomandla onguNobhal­a wenhlangan­o ebhekele imiphakath­i eyakhelene neSimangal­iso Wetland Park, iPeople and Parks eSimangali­so uthe kunamachib­i nesiqiwi endaweni konke okuthandwa yizivakash­i.

“Le ndawo ingakwazi ukuba nechweba uma ithuthukis­wa ngendlela efanele. Siyathemba ukuthi njengoba sekunesikh­ulu esisha zonke izinhlelo zentuthuko zizobhekwa ngeso elibanzi. Ngaphandle kwentuthuk­o kusenenkin­ga yodaba lokubuyisw­a komhlaba ngoba baningi abantu abasuswa ngesihluku eSimangali­so kodwa abangenabo ubunikazi bale ndawo futhi abangahlom­uli ngendlela efanele. Zonke lezi zinto sifuna zilungiswe,” kusho uNomandla.

Uthe ufuna nokuthi uma kunamathub­a omsebenzi kuhlomule izinkampan­i zosomabhiz­inisi bendawo kungaqashw­a izinkampan­i zabamhloph­e kuphela njengoba bekwenzeka kudala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa