Ingqungquthela ebichushisa intsha
ITSHELWE ngamathuba amabhizinisi angatholakala eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal intsha ebisengqungqutheleni ephothulwe izolo eThekwini.
Ingqungquthela yezinsuku ezimbili bekungeyokuqala kusukela yagcina ukwenziwa ngo-2011. Intsha yakuzo zonke izifunda iphume ngobuningi izozwa ngamathuba amabhizinisi kulo mnyango owaziwa ngokwakha izindlu zomxhaso. OyiNhloko yoMnyango ebambile, uMnuz Mdu Zungu, utshele Isolezwe ukuthi inhloso yengqungquthela ukubheka indlela abangasebenza ngayo nentsha ezinhlelweni zabo ekwakheni izindlu.
“Sifuna nokudlulisa ulwazi ngezinhlelo esizenzayo. Sikhethe intsha ngenxa yemigomo esibekelwe yona njengokuthi esabelweni sethu sezimali kumele kube no-30% oya entsheni,” echaza.
Engqungqutheleni kubuye kwahlukaniswa intsha ngamaqoqo ukuze ikhulume ngezihloko ezehlukene ezibhekene namabhizinisi. Intsha ikhale ngokungaxhaswa ngemali uma ifuna ukungena emabhizinisini.
UMnuz Nathi Sibethe, ongomunye wosomabhizinisi abancane esifundeni iHarry Gwala, uphakamise ukuthi kwakhiwe imifelandawonye ezifundeni ukuze kube lula ukuxhaswa ngezimali.USibethe, othe unebhizinisi lokwakha izitini, uthe ukungathuthuki ezindaweni zasemakhaya kwenza kube nzima nokuthola umsebenzi kulo mnyango ngoba izindlu zemixhaso azikangeni kakhulu. Ephawula kulokhu uZungu uthe intsha kumele iqale izihlelele amabhizinisi ayo ukuze uma kufika intuthutho yokwakhiwa kwezindlu ithole umsebenzi.
UMnuz Thulani Bhengu oyiMenenja emnyangweni uthe ngaphandle kwamathuba okwakha entsheni kuneminye imikhakha ebalulekile. Uthe abameli bayohlala bedingeka kulo mnyango njengoba kuwumsebenzi wawo nokukhipha amatayitela adinga usizo lwezomthetho.