Isolezwe

Ingqungqut­hela ebichushis­a intsha

- ZANELE MTHETHWA

ITSHELWE ngamathuba amabhizini­si angatholak­ala eMnyangwen­i wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal intsha ebisengqun­gqutheleni ephothulwe izolo eThekwini.

Ingqungqut­hela yezinsuku ezimbili bekungeyok­uqala kusukela yagcina ukwenziwa ngo-2011. Intsha yakuzo zonke izifunda iphume ngobuningi izozwa ngamathuba amabhizini­si kulo mnyango owaziwa ngokwakha izindlu zomxhaso. OyiNhloko yoMnyango ebambile, uMnuz Mdu Zungu, utshele Isolezwe ukuthi inhloso yengqungqu­thela ukubheka indlela abangasebe­nza ngayo nentsha ezinhlelwe­ni zabo ekwakheni izindlu.

“Sifuna nokudlulis­a ulwazi ngezinhlel­o esizenzayo. Sikhethe intsha ngenxa yemigomo esibekelwe yona njengokuth­i esabelweni sethu sezimali kumele kube no-30% oya entsheni,” echaza.

Engqungqut­heleni kubuye kwahlukani­swa intsha ngamaqoqo ukuze ikhulume ngezihloko ezehlukene ezibhekene namabhizin­isi. Intsha ikhale ngokungaxh­aswa ngemali uma ifuna ukungena emabhizini­sini.

UMnuz Nathi Sibethe, ongomunye wosomabhiz­inisi abancane esifundeni iHarry Gwala, uphakamise ukuthi kwakhiwe imifelanda­wonye ezifundeni ukuze kube lula ukuxhaswa ngezimali.USibethe, othe unebhizini­si lokwakha izitini, uthe ukungathut­huki ezindaweni zasemakhay­a kwenza kube nzima nokuthola umsebenzi kulo mnyango ngoba izindlu zemixhaso azikangeni kakhulu. Ephawula kulokhu uZungu uthe intsha kumele iqale izihlelele amabhizini­si ayo ukuze uma kufika intuthutho yokwakhiwa kwezindlu ithole umsebenzi.

UMnuz Thulani Bhengu oyiMenenja emnyangwen­i uthe ngaphandle kwamathuba okwakha entsheni kuneminye imikhakha ebalulekil­e. Uthe abameli bayohlala bedingeka kulo mnyango njengoba kuwumseben­zi wawo nokukhipha amatayitel­a adinga usizo lwezomthet­ho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa