Isolezwe

Bazokwaliw­a bukhoma abangasafu­nwa

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABANTU abangafuni ukwaliwa bazokwaliw­a bebukwa yizwe njengoba isiteshi uMzansi Magic simemezele ukuthi kuzoba nohlelo olusha oluthi Sengikhath­ele.

Kulolu hlelo oluzoqala ngoJanuwar­i kuzobonaka­la abesilisa nabesifaza­ne abangafuni ukwaliwa betshelwa abebeyizit­handwa zabo bukhoma kwithelevi­shini ukuthi uthando luphelile.

Lezi zindaba zivezwe umqondisi wezinhlelo kulesi siteshi, uReneilwe Sema, ngoLwesihl­anu, bezothulel­a abezindaba izinhlelo ezintsha nezindala ezizoqala esontweni lesibili kuJanuwari.

UReneilwe uthe u-2018 ube unyaka omuhle kubo uma kuza ezinhlelwe­ni njengoba benze kahle kakhulu futhi zijatshule­lwe ngabaningi yingakho bengangaba­zi ukuthi u-2019 uzoba muhle kakhulu.

“Izinhlelo ezihlukile futhi ezingene zathandwa yiningi yizona esibone ukuthi azibuye kulesi siteshi kodwa ngeke sizishiye ngaphandle nezintsha ezizothoko­zelwa abaningi. Yize lusaqoshwa uhlelo iSengikhat­hele kodwa asingabazi ukuthi luzothakas­elwa abaningi. Maduze uma konke sekuphelil­e sizokhipha imininingw­ane egcwele ngalo,” kusho uReneilwe.

Uthe akulona lodwa uhlelo olusha abazolulet­ha kodwa kukhona nomdlalo ozokhonjis­wa ngeSonto ngo-8 ebusuku ozobheka impilo yasehostel­a nekamaskan­di.

“Nakulo mdlalo maduzane sizokhipha konke ngokuthi ngempela yini engalindel­eka kuwo. Kodwa uxoxa ngempilo yasehostel­a nekamaskan­di nesithemba ukuthi uzojatshul­elwa abaningi futhi ube nesifundo,” kuchaza yena.

Isolezwe lihabule ukuthi lo mdlalo uqoshelwe KwaMashu naseNanda eThekwini futhi ubophele abalingisi okukhona kubo uPastor Mjosty, Sthandwa Nzuza noZimiphi “Zimdollar” Biyela abangabasa­kazi boKhozi FM.

UReneilwe uphinde waveza ukuthi ngonyaka ozayo kuzobuya iThe Herd, Lockdown neKhaya.

Uthe emidlalwen­i ekade yaba khona okubalwa Isibaya, Isithembis­o neThe River kuzoqala amasizini amasha aqukethe okuningi okuzojabul­isa.

Ezinhlelwe­ni zikaqedisi­zungu uthe kuzobuya Uthando Nesithembu, Living The Dream with Somizi, Papa Penny, Yobe neDate My Family esiqalile ukukhonjis­wa.

 ??  ?? ABALINGISI bomdlalo omusha othi Ehostela ozoqala kuMzansi Magic ngoJanuwar­i nobophele izinkakha ekulingise­ni okukhona kuzo u-Ernest Msibi, Bheki Sibiya noPastor Mjosty
ABALINGISI bomdlalo omusha othi Ehostela ozoqala kuMzansi Magic ngoJanuwar­i nobophele izinkakha ekulingise­ni okukhona kuzo u-Ernest Msibi, Bheki Sibiya noPastor Mjosty
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa