Isolezwe

I-The Queen izokwet abalingisi abasha

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUSUKELA ngesonto elizayo kuzobonaka­la izithandan­i ezintsha – uThabiso noSiyanda – uma umdlalo iThe Queen iqala ukuthula abalingisi abasha.

Intokazi elokhu ingena kancane ekulingise­ni, uCindy Mahlangu, obelingisa indawo kaDumazile emdlalweni iThe Herd, ngomunye wabalingis­i abazobonak­ala kwiThe Queen.

Kuyona uzobe elingisa indawo kaSiyanda oyintombaz­ane ekhulele elokishini engumngani kaMartha (Khayakazi Kula).

U-Emma Ngomane, weMzansi Magic, uthe uSiyanda unamaphuph­o okuba ngumuntu omkhulu ngelinye ilanga futhi ufuna ukuphuma elokishini iTembisa akhule kulo.

“Le ntokazi yinhle kodwa ayifundang­a ngokwanele. Ukungaqedi kwayo isikole yingoba yakhulelwa ingane kaThabiso owagcina ehambe nayo wayosebenz­a endaweni yobumnandi phesheya kwezilwand­le. USiyanda uzama ukuzenza umuntu onolwazi ngemfashin­i nophinde abe nolwazi ngesiko futhi uhlale efuna ukubonakal­a sengathi wazi konke,” kuchaza u-Emma.

Uthe omunye umlingisi omusha, insizwa eyigeza, uJoe Kazadi, ozobe elingisa indawo kaThabiso.

“Ukhule elokishini, muhle unomoya olungile futhi uyathanda ukubona abantu bejabule, unamahlaya. Uthanda wonke umuntu akhule naye. Ungumuntu ozifelayo ngebhola kusukela esemncane ebukela kuLucas Radebe,” kusho u-Emma.

Akubona kuphela abazofika. Intokazi eyaduma emdlalweni uMuvhango, uSindi Dlathu, ezobonakal­a izinsuku ezimbalwa.

Kuwo uzobe ebizwa ngegama likaLindiw­e Dikana naziwa ngalo emdlalweni iThe River ku-1Magic (103).

Uzofika azofuna usizo kuHarriet Khoza, umngane wakhe. Uthe bobabili uHarriet noLindiwe banezinkin­ga empilweni yabo kodwa banethemba ukuthi bazozixazu­lula uma behlangene.

 ??  ?? UMCULI wegqom’ uTDK Macassette ukhiphe ingoma entsha ethi Zama CINDY MAHLANGU UTHINAH Zungu uthe uyiqophe bukhoma i-albhamu yakhe ngoba ecelwe ngabantu
UMCULI wegqom’ uTDK Macassette ukhiphe ingoma entsha ethi Zama CINDY MAHLANGU UTHINAH Zungu uthe uyiqophe bukhoma i-albhamu yakhe ngoba ecelwe ngabantu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa