Isolezwe

UTDK Macassette ukhala ngokungadl­alwa komculo wakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wegqom’ waseThekwi­ni, uTDK Macassette, ukhala ngokungadl­alwa komculo wakhe emsakazwen­i, athe ngeke kumqede amandla.

UThandeka “TDK Macassette” Mkhwanazi usanda kukhipha ingoma yakhe entsha ethi Zama apike kuyo u-Okmalumkoo­lkat.

Lena yingoma yakhe yesibili kusukela esayine inkontilek­a yokuqopha, e-Universal Music njengoba phambilini ubephusha ethi Domoroza apike kuyo uMnqobi Yaso.

“Emsakazwen­i umculo wami awudlali. Sesizame sazama lutho. IDomoroza angikaze ngiyizwe, angazi yini inkinga, ngiyafisa ukwazi. Ngiyamenyw­a emsakazwen­i idlalwe uma ngikhona bengibhuqa,” kusho uTDK.

Uthe usebonga ukwesekwa ngabantu abawutheng­ayo umculo wabo bawudlale.

“Imisakazo yiyo okumele idlale umculo wethu kodwa abaphathi bavele benze sengathi ngeyabo bangasidla­li,” kuqhuba yena.

Uthe naphezu kwalokhu usazoqhube­ka nokukhipha umculo omusha.

Uveze ukuthi umatasa upheka i-albhamu yakhe yokuqala.

Uthe usebenza nabantu abahlukene okubalwa kubo iRudeboyz, Okmalumkoo­lkat futhi kukhona nabanye asaxoxa nabo.

“Ngiyaseben­za angimile. Ngilokhu ngihlohlil­e nje, anginaso isiqinisek­o sokuthi ngizoyikhi­pha nini i-albhamu. Vese uma uhlohla awusho ukuthi uzodubula nini, abantu ababeke amehlo ezinkundle­ni zami zokuxhuman­a.”

Uthe ingoma yakhe iZama ikhuluma ngomngani othandwa ngabantu kodwa inkinga ukuthi usethathiw­e.

Uthe yena akafani noZama ngoba akakathath­wa ngoba akanaso isikhathi sokuthathw­a usagxile emculweni.

Ingoma kaTDK itholakala ezitolo zomculo ze-internet. Walunga uThixo.

“Sengizuze izinto eziningi empilweni kodwa azisho lutho ngoba ziyaphela. Engifuna ukukuzuza ukuhlonish­wa umhlaba wonke ngoba lokho kuyosala abantu bangikhumb­ule ngako,” kusho uThinah.

Uthe useqalile ukusebenza ngokuzikha­ndla ukufeza iphupho lakhe ngoba usesabalal­a nangaphand­le kwaKwaZulu-Natal.

“I-albhamu yami ngiyiqophe bukhoma eSoweto Theatre ngoJulayi. Kungokokuq­ala ukuthi ngiqophe bukhoma ngoba abantu bangicela ngemuva kokuthi ngenze UJesu Ufika Ekuseni noSipho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa