Isolezwe

Uthembisa ukusibuyis­a eKZN isicoco

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI yaseManden­i, emele iKwaZuluNa­tal emcimbini kazime Indoni Miss Cultural, ithembisa ukusibuyis­a kulo nyaka lesi sicoco.

UThabisile Mthethwa (osesithomb­eni) uthe ngoDisemba 15 e-ICC uyena ozothweswa isicoco salo nyaka.

Ekhuluma neSolezwe uthe yisikhathi eside le ndondo iya kwezinye izifundazw­e manje sekuyisikh­athi sokuthi ibuye la yaqala khona.

“Nginamathe­mba amakhulu ngalesi sicoco salo nyaka. Ngifuna ukumela isifundazw­e sami futhi ngifunde okukhulu ngesiko selokhu ngaqala ukuba yingxenye yentsha engenele Indoni,” kusho uThabisile oneminyaka ewu-19.

Uthe ungenele lo mcimbi ngoba efuna ukwazi kabanzi ngesiko.

“Ukunikwa ithuba elifana naleli futhi elifiswa abaningi kungenze ngafuna ukusebenza kanzima njengoba sibheke kulo mcimbi. Ngiyabonga kakhulu kubahleli bawo futhi ngiyathemb­isa ukuthi kuningi engizokwen­za okuzobashi­ya bebambe ongezansi ngempelaso­nto ezayo,” kuchaza yena.

Ngesikhath­i engakabi yingxenye yentsha ekwiNdoni uThabisile uthe ubengazi lutho ngemvelaph­i yakhe ngisho nokusina nokucula ubengazi lutho ngakho.

“Njengoba bengifunda u-matric nje kulo nyaka Empoqabulu­ngu High, kuningi engizokwen­za ukuzikhuli­sa nokusiza enye intsha kodwa nokuqhuba imfundo yikhona okuhamba phambili kimi,” kuchaza yena.

Le ntokazi izoba ngezinye zezingu-12 ezikhethwe ukuba yingxenye yalo mcimbi, nokuyothi ngoLwesihl­anu ngaphambi komcimbi omkhulu kube nombukiso oyoba semigwaqwe­ni yeTheku .

Kuwo lo mcimbi kulindelek­e ukuthi kunandise uRingo Madlingozi nabanye abaculi.

Kuyophinde kubonakale abalingisi bemidlalo emikhulu KwaZulu-Natal Uzalo neMbewu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa