UBartlett ufisa kubukwe okuhle kwiBafana
USHAUN Bartlett ongumsizi kaStuart Baxter kwiBafana Bafana ufisa abalandeli bebhola babuke okuhle osekwenziwe yiqembu lesizwe emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cu pof Nations (Afcon) ka-2019.
IBafana ayikashaywa kuGroup E, isadedele igoli elilodwa kuphela. Nokho iqembu laseNingizimu Afrika lisalelwe umsebezni onzima wokungashaywa yiLibya (idinga iphuzu elilodwa) ekuhambeni ngoMashi,ukuze lizibekisele indawo kwi-Afcon.
UBartlett uthe kumele libakhuthaze bonke abathintekayo kwiBafana irekhodi layo kweyokuhlungela i-Afcon.
“Ngicabanga ukuthi nani ningabezindaba kufanele nisisize ukukhumbuza abantu ukuthi sisadlale kahle kanjani emidlalweni yokuhlunga. Abezindaba bakhuluma ngezinto ezingezinhle kuphela ngeBafana kodwa abakuthinti ukuthi sisadedele igoli elilodwa futhi asikashaywa,” kusho uBartlett.
“Buka nje emdlalweni weNigeria besilandela emuva ngegoli elilodwa kodwa sabuya sakhombisa ukuqina ngokomqondo, sacishe sawuwina nomdlalo. NakwiParaguay emdlalweni weNelson Mandela Challenge kwenzeka into efanayo. Akulula ukudedela igoli bese ungacabangi ukuthi ungase ushaywe. Abadlali bakhombisile ukuthi bayakwazi ukulwa futhi ngethemba ukuthi bazokwenza okufanayo emdlalweni weLibya.”
UBartlett uthe kuhlale kunzima ukudlala ekuhambeni, kungakhathalekile ukuthi usuke ubhekene naliphi iqembu.
“Kusasele izinyanga ezine ukuthi siyodlala umdlalo wokugcina. Asikho isikhathi nokho esizosithola ngaphambi kwalokho ukuthi sihlangane siyiqembu. Sizozama ukuthi sikhulume nabaqeqeshi bamaqembu ePremier Soccer League (PSL) ukuthi basinike abadlali okungenani izinsuku ezimbalwa. Njengoba kuhlale kwenza amaBhokobhoko nathi singajabula uma singathola isikhathi nabadlali noma izinsuku ezintathu nje ekhempini,” kuchaza uBartlet.
Nokho uBartlet uvumile ukuthi iLibya izobanika ubunzima kulo mdlalo ngoba nayo izobe ilwela ukuzibekisela indawo kwi-Afcon.
“Sazi kahle ukuthi iLibya izokwenza konke okusemandleni ukuwina umdlalo. Kuzoba nzima futhi abadlali bethu kumele bakulungele lokho. Konke iLibya ezokwenza kulo mdlalo kumele siqinisekise ukuthi thina sikwenza kangcnono.”
Uvumile ukuthi kwakumele bayishaye iSeychelles emdlalweni owaphela ngo 0-0.
“Wonke umuntu wayelindele ukuthi siye laphaya siyoyishaya iSeychelles ngoba sayishaya ngo 6-0 lapha ekhaya. Nokho kubona kwakufana nokuthi badlala umdlalo wamanqamu, badlala ngendlela ehlukile. Okunye ukuthi saba nebhadi ngoba sake sashaya ipali kabili. Yinye nje into engayibona kubadlali engingasoze ngiyingabaze, bazama ngayo yonke indlela. Yinto leyo njengomqeqeshi engiyibona kungafanele ilokhu ingatshazwa ngabadlali,” kusho uBartlett.
Imidlalo ye-Afcon ngeke isadlalelwa eCameroon. INingizimu Afrika iyabalwa