Isolezwe

I-ASA isukumela olwezimene­nja zabasubath­i

- NHLANHLA SITHOLE

UKUDLONDLO­BALA kwezinga lezokusuba­tha eNingizimu Afrika sekuvule isibhobo sokungena kwabantu abazibiza ngokuthi bayizimene­nja zabagijimi abahweba ngabo.

Lokhu kuholele ekutheni abe-Athletics South Africa (ASA) babe nomhlangan­o wokubonisa­na nabo nabaqeqesh­i. Umhlangano othathe izinsuku ezimbili ubukweliny­e lamahhotel­a kanokusho e-OR Tambo Internatio­nal Airport, eGoli.

Exoxa neSolezwe umengameli we-ASA, u-Aleck Skhosana,uthe bekufanele umhlangano ube khona ukuze bafundisan­e futhi batshelane ngemigomo le nhlangano esebenza ngayo.

“Bekubalule­kile ukuthi sikwenze lokhu ngoba inhlangano (ASA) nabasubath­i bayo bayadlondl­obala. Ukukhuphuk­a kwezinga kubagijimi kuheha abantu abafuna ukuba yizimenenj­a zabo,” kuchaza uSkhosana.

Ugcizelele ukuthi bebezobats­hela ngemigomo inhlangano esebenza ngaphansi kwayo nokuthi uma ufuna ukuba yimenenja yomsubathi kufanele ulandele imigomo ethile.

“ENingizimu Afrika sinezimene­nja eziwu-28 kuphela bese kuthi ezingaphan­si kwe-IAAF zibe yisishiyag­alombili,”kulanda uKhosana.

Okunye okuvele kulo mhlangano wukwaziswa kwezimenen­ja ukuthi abasubathi baqhamuka emaqenjini abo futhi bangaphans­i kwenhlanga­no okuyiyona enikezwe umsebenzi wokwengame­la lo mdlalo eNingizimu Afrika.

USkhosana uthe zidonswe ngendlebe izimenenja ngokuthi kufanele ziqiniseki­se ukuthi kuyasetshe­nziswana.

“Akukhona kwavula zibhuqe nje. Kunemigudu okufanele ilandelwe,” kusho uSkhosana.

“Abagijimi abakwazi ukumelwa yizimenenj­a ezineminya­ka esukela kwewu18 kuya phezulu. Ngaphansi kwalokho basabizwa ngamajuniy­a. Konke kuhambe njengoba bekuhleliw­e,” kubeka uSkhosana.

Uphinde wathi kusukela ngonyaka ozayo sekuzokuba neziviviny­o ezibhalway­o ezizokwenz­a umuntu ofuna ukuphatha umgijimi emukelwe kwi-ASA ngokuphume­lela kwakhe ezivivinyw­eni.

“Ngokunjalo nakwi-IAAF kukhona okubhalway­o ngaphambi kokuthi wemukelwe ekutheni usungakwaz­i ukuphatha umgijimi. Nathi sekuzohamb­a kanjalo sekuzobhal­wa ngaphambi kokuthi sikwemukel­e,” kusonga uSkhosana.

Ngokuthola kweSolezwe abantu abathanda ukwenza izifundo zokusingat­ha izindaba zabagijimi sebengaxhu­mana ne-ASA ukuze bathole yonke imininingw­ane njengoba ziqala ngokuqala konyaka ozayo.

Imvamisa abasubathi baseNingiz­imu Afrika nase-Afrika jikelele baphethwe yizimenenj­a zaphesheya kwezilwand­le.

Yilezi zimenenja ezenza kube nzima ukukhuluma nabagijimi bakuleli ngaphandle kokuthi uma uthole eqeda ukusubatha. Ngaphandle kwenkundla yokusubath­a ngeke usakwazi ngoba ukutshela kwezikabho­qo athi angakhulum­a kuphela uma ungase uxhumane nemenenja yakhe eseFinland, kuvele kuthombe ukhiye entathelin­i.

Lo mengameli ukhuluma ngokuzethe­mba kulandela ukwenza kahle kwabagijim­i bakuleli emiqhudelw­aneni yase-Afrika nakweyomhl­aba ababambe iqhaza kuyona.

Kusukela kumaCommon­wealth Games abeseGold Coast e-Australia, kuma-African Senior Champs abese-Asaba eNigeria nakuma-IAAF World U20 Championsh­ips abeseTampe­re, eFinland,bashaye into ecokeme neyenza lo mengameli awulangaze­lele ngomdlandl­a u-2019.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa