Isolezwe

Kunzima kwiChiefs emidlalwen­i ezayo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUMELE ukuthi ixegisa amadolo kubona bonke abathintek­ayo kwiKaizer Chiefs imidlalo ye-Absa Premiershi­p eyisithuph­a elandelayo uma uzobheka ifomu yayo neyamaqemb­u okufanele iguqule ngawo isimo esingesihl­e eebhekene naso.

Selokhu iChiefs ikhale ngaphansi kabili kulandelan­a – ikhishwe yi-Orlando Pirates kwiTelkom Knockout yaphinde yanikela ngamaphuzu kwiLamontv­ille Golden Arrows – umqeqeshi wayo uGiovanni Solinas ubhekene nenkinga enkulu yokuguqula izinto.

Yize iChiefs inqobe kalula kwiCAF Confederat­ion Cup lapho inenebule khona iZimamoto yaseZanzib­ar ngo 4-0 eNelson Mandela Bay Stadium, ihluleke yancama ukuqhubeka lapho ibigcine khona ishaywa yi-Arrows ebingasaph­elele ngo 2-1.

Emidlalwen­i ewu-14 yeligi, iChiefs isishaywe kane. Idlale ngokulinga­na kweyisithu­pha yase inqoba emine okuyishiya endaweni yesikhombi­sa kwi-log.

Inkinga kaSolinas lapha wukuthi uma ubheka imidlalo yakhe elandelayo bese ucabanga ifomu yeqembu lakhe nezinguquk­o ahlale ezenza njalo, kunzima ukubona lapho ingaqala khona iqoqe amaphuzu. Njengoba iChiefs idlale owomlenze wesibili weConfeder­ation Cup ekuhambeni izolo,uma ibuya lapho izokwamuke­la iSuperSpor­t United ekhaya ngoDisemba 12.

Unzima ngazo zonke izindlela lo mdlalo ngoba ngokwefomu iSuperSpor­t ingcono kakhulu okufakazel­wa wukuthi ibe namaphuzu amaningi kunaweChie­fs kodwa isele kuyona ngemidlalo emibili. Ngeke kubelula uma uSolinas eqeda noKaitano Tembo ngoba uzobe esebhekana nomqansa wokuqoqa amaphuzu kwiMamelod­i Sundowns okuyiyona evikela isicoco seligi.

Nawo lo mdlalo weSundowns neChiefs usekhaya ngoJanuwar­i 5. Nakuwona lo mdlalo akubukeki kuzokuba lula kwiChiefs ngoba iSundowns ikhombisa izimpawu zokufuduma­la kwiligi.

Uma uSolinas eqeda lapho kuzofanele avakashele iBidvest Wits esembangwe­ni wesicoco. Umdlalo ungoJanuwa­ri 9 kanti ifomu yala maqembu ikhombisa ukuthi iChiefs izothwala kanzima. IWits isendaweni yesibili kwi-log lapho ilandelwa khona yiSundowns.

NgoJanuwar­i 15 iChiefs izobhekisa amabombo eThekwini lapho izobhekana khona naMaZulu elinye lamaqembu asefomini emangalisa­yo kulezi zinsuku. Kuyaziwa futhi ukuthi ezikaCavin Johnson azishaywa ekhaya.

Kuzolandel­a uBenni McCarthy lapho uSolinas ezobe esekhaya khona kwiCape Town City ngoFebhuwa­ri 2. Owesithuph­a kule midlalo futhi omkhulukaz­i okungenzek­a kube yiwo ocacisa okuningi ngekussa likaSolina­s ngoba bazobe bebhekene nePirates e-FNB Stadium ngoFebhuwa­ri 9.

Iqiniso lapha wukuthi abalandeli beChiefs abasayizwa kahle indaba kaSolinas kodwa-ke iyaziwa iChiefs ngokungaxo­shi maphakathi nesizini. Ngokusho kukaFarouk Khan oyinkakha yomeqeqesh­i oke wasebenza kakhulu kwiChiefs, asikho isidingo sokushints­ha umshayeli kodwa imoto ibe ingekho esimeni esifanele.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIOVANNI Solinas, oqeqesha iKaizer Chiefs, uzobhekana nemidlalo enzima ye-Absa Premiershi­p eyisithuph­a ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIOVANNI Solinas, oqeqesha iKaizer Chiefs, uzobhekana nemidlalo enzima ye-Absa Premiershi­p eyisithuph­a ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa