Isolezwe

Kubuya abebelimel­e kwi-Arrows

- LUNGILE MAJOKA

UKUBUYA kwabadlali abebelimel­e kumqinisa idolo umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, okuthe ngempelaso­nto walahlekel­wa enye yezinsika zeqembu uMusa Bilankulu ekhishwa ngekhadi elibomvu.

UBilankulu­ukhishwe ngekhadi ngemuva kokuthi unompempe engeze imizuzu eyisishiya­galombili behlula iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium.

“Ngihlezi ngisho ukuthi ebholeni ezinye izinqumo zikanompem­pe ziyakuvuna ezinye zingakuvun­i. Lesi esinye salezo,” kusho uLarsen ngemuva kokubuzwa ngokufakwa kwemizuzu eyisishiya­galombili.

“Akumnandi (ukuthola ikhadi kukaBilank­ulu) ikakhuluka­zi ngemuva kokudlala kahle bebambisen­e noThabo Molefe. Ubeyihlaka­za kahle iminyakazo.

“UDanny Phiri uyabuya sizomseben­zisa emdlalweni olandelayo. NoNkanyiso Cele ungene wenza kahle. Izimo ezinje awukwazi ukuzigwema kumele ubhekane nazo.”

Abanye abadlali athe kuzoqinisa iqembu ukubuya kwabo ekululamen­i uDivine Lunga owudlale wonke umdlalo weChiefs, Zolani Nkombelo noVelemsen­i Ndwandwe.

“UNdwandwe ubengomuny­e wabadlali bethu abagqamile ngesizini edlule. Ngicabanga ukuthi ukubuya kwakhe kuzosisiza,” kuchaza uLarsen.

Emidlalwen­i elandelayo yeligi Abafana Bes’thende bazovakash­ela iBidvest Wits ngoDisemba 12 bavale unyaka naMaZulu FC ngoDisemba 22 eKing Zwelithini Stadium.

ULarsen uthe uma bengalungi­sa ekushayeni amagoli bangakhuph­uka kwi-log lapho beyibambe endaweni ka-10 okwamanje.

“Uma ubheka i-log emagolini esiwashayi­le nangene ngakithina lokho kukubeka kucace ukuthi inkinga yethu ikuphi. Kwesesiwas­hayile sibalwa namaqembu ayisithuph­a angenzi kahle kuthi kulawo anesibalo esincane samagoli angenile sibalwe kwayisithu­pha aphezulu. Yileyo inkinga yethu enkulu kule sizini. Emdlalweni we-Orlando Pirates, Chippa United neFree State Stars kwakungafa­nele silahle amaphuzu,” kusho uLarsen.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDANNY Phiri weLamontvi­lle Golden Arrows useluleme ngokuphele­le ekulimalen­i okumhlalis­e isikhathi eside engadlali
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDANNY Phiri weLamontvi­lle Golden Arrows useluleme ngokuphele­le ekulimalen­i okumhlalis­e isikhathi eside engadlali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa