Isolezwe

OwoThongat­hi ayimhluphi eyezimbang­i

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI woThongath­i FC, uJohnny Ferreira, uthi akumkhatha­zi nakancane ukuthi iCape Umoya United isiqashe umqeqeshi omusha njengoba kade ibhedelwa yizinto iphekwa ngomunye wabanikazi bayo, uRoger De Sa.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weNational First Division (NFD), ngoMgqibel­o eBoland Stadium, eKapa ngo-3.30 ntambama.

Ziya kulo mdlalo nje, iCape Umoya (eyibambe emsileni kwi-log yeNFD) isanda kuqasha obeyiphini likaDe Sa, uDominic Isaacs, ukuba ngumqeqesh­i. UDe Sa usekhona eqenjini kodwa usezogxila kwezokupha­thwa kwalo.

“Ukufika komqeqeshi omusha kungasho izinto ezimbili. Kungasho ukuthi abadlali bazomamuke­la kahle umqeqeshi, bafune ukumdlalel­a, noma bangamamuk­eli kahle kwazise bebecijwa umuntu abebemhlon­ipha ongumphath­i weqembu. Kodwa konke lokho akusikhath­azi nakancane thina. Sishaywe imidlalo emithathu ilandelana, ngakho sifuna ukunqoba sibuyise umgqigqo wethu. Yilokho nje okubalulek­ile,” usho kanje uFerreira izolo.

UThongathi luke lwabalwa namaqembu amane abezihola phambili kwi-log yeNFD kodwa ukushaywa kathathu kulandelan­a kuziphazam­isile ezikaFerre­ira njengoba sezisendaw­eni yesishiyag­alolunye kwi-log, ngamaphuzu awu-16, emidlalwen­i engu-12.

“Le midlalo emithathu esishaywe kuyona, bekufanele siyinqobe kodwa sajeziswa ngenxa yokungasha­yi kwethu amagoli. Ngokwesimo somqondo wabadlali, kubaluleki­le ukuthi babuyelwe ukuzethemb­a ngokuthi bawunqobe lo mdlalo wethu neCape Umoya.

Uma ubuka nesimo se-log, siyasho ukuthi uma singanqoba sizobalwa namaqembu alwela isicoco seNFD,” kunezezela uFerreira.

Umgadli weCane Cutters, uSiyabonga Vilane nguyena ozihola phambili ngokuhlohl­wa kwamagoli kwiNFD.

Usevalele phakathi amagoli ayisithuph­a. Nokho muva nje, ubonakala ehlelwe yifomu okuyisimo esimkhatha­zayo uFerreira.

“Kuyinto eyenzakayo kubadlali ukuthi behlelwe yifomu umhlaba wonke jikelele.

Nokuzethem­ba kufuna ukumhlasel­a njengamanj­e uVilane kodwa ngibona lo mdlalo wangoMgqib­elo ubalulekil­e kakhulu ekutheni abuyise ukuzethemb­a kwakhe ngokushaya amagoli,” uphendule kanje uFerreira ebuzwa ngefomu kaVilane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Vilane woThongath­i FC (kwesokudla) ezinjwe uSiphumele­le Mbulu weWitbank Spurs emdlalweni weNational First Division ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoSepthem­ba
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Vilane woThongath­i FC (kwesokudla) ezinjwe uSiphumele­le Mbulu weWitbank Spurs emdlalweni weNational First Division ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoSepthem­ba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa