Isolezwe

UBartlett ufisa kubukwe okuhle kwiBafana

- SIHLE NDLOVU

USHAUN Bartlett ongumsizi kaStuart Baxter kwiBafana Bafana ufisa abalandeli bebhola babuke okuhle osekwenziw­e yiqembu lesizwe emidlalwen­i yokuhlunge­la i-Africa Cu pof Nations (Afcon) ka-2019.

IBafana ayikashayw­a kuGroup E, isadedele igoli elilodwa kuphela. Nokho iqembu laseNingiz­imu Afrika lisalelwe umsebezni onzima wokungasha­ywa yiLibya (idinga iphuzu elilodwa) ekuhambeni ngoMashi,ukuze lizibekise­le indawo kwi-Afcon.

UBartlett uthe kumele libakhutha­ze bonke abathintek­ayo kwiBafana irekhodi layo kweyokuhlu­ngela i-Afcon.

“Ngicabanga ukuthi nani ningabezin­daba kufanele nisisize ukukhumbuz­a abantu ukuthi sisadlale kahle kanjani emidlalwen­i yokuhlunga. Abezindaba bakhuluma ngezinto ezingezinh­le kuphela ngeBafana kodwa abakuthint­i ukuthi sisadedele igoli elilodwa futhi asikashayw­a,”kusho uBartlett.

“Buka nje emdlalweni weNigeria besilandel­a emuva ngegoli elilodwa kodwa sabuya sakhombisa ukuqina ngokomqond­o, sacishe sawuwina nomdlalo. NakwiParag­uay emdlalweni weNelson Mandela Challenge kwenzeka into efanayo. Akulula ukudedela igoli bese ungacabang­i ukuthi ungase ushaywe. Abadlali bakhombisi­le ukuthi bayakwazi ukulwa futhi ngethemba ukuthi bazokwenza okufanayo emdlalweni weLibya.”

UBartlett uthe kuhlale kunzima ukudlala ekuhambeni, kungakhath­alekile ukuthi usuke ubhekene naliphi iqembu.

“Kusasele izinyanga ezine ukuthi siyodlala umdlalo wokugcina. Asikho isikhathi nokho esizositho­la ngaphambi kwalokho ukuthi sihlangane siyiqembu. Sizozama ukuthi sikhulume nabaqeqesh­i bamaqembu ePremier Soccer League (PSL) ukuthi basinike abadlali okungenani izinsuku ezimbalwa. Njengoba kuhlale kwenza amaBhokobh­oko nathi singajabul­a uma singathola isikhathi nabadlali noma izinsuku ezintathu nje ekhempini,” kuchaza uBartlet.

Nokho uBartlet uvumile ukuthi iLibya izobanika ubunzima kulo mdlalo ngoba nayo izobe ilwela ukuzibekis­ela indawo kwi-Afcon.

“Sazi kahle ukuthi iLibya izokwenza konke okusemandl­eni ukuwina umdlalo. Kuzoba nzima futhi abadlali bethu kumele bakulungel­e lokho. Konke iLibya ezokwenza kulo mdlalo kumele siqiniseki­se ukuthi thina sikwenza kangcnono.”

Uvumile ukuthi kwakumele bayishaye iSeychelle­s emdlalweni owaphela ngo 0-0.

“Wonke umuntu wayelindel­e ukuthi siye laphaya siyoyishay­a iSeychelle­s ngoba sayishaya ngo 6-0 lapha ekhaya. Nokho kubona kwakufana nokuthi badlala umdlalo wamanqamu, badlala ngendlela ehlukile. Okunye ukuthi saba nebhadi ngoba sake sashaya ipali kabili. Yinye nje into engayibona kubadlali engingasoz­e ngiyingaba­ze, bazama ngayo yonke indlela. Yinto leyo njengomqeq­eshi engiyibona kungafanel­e ilokhu ingatshazw­a ngabadlali,” kusho uBartlett.

Imidlalo ye-Afcon ngeke isadlalelw­a eCameroon. INingizimu Afrika iyabalwa

 ??  ?? SHAUN BARTLETT
SHAUN BARTLETT
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa