Isolezwe

Akasadlali­swa ofunwa yiPirates neSundowns

- NDUDUZO DLADLA

UKHUHLISWA ibhentshi ngoba kusolwa ukuzithwal­a ngenxa yokuthi ufunwa amaqembu amakhulu, uPogiso Sanoka, odlala emuva kwiMaritzb­urg United.

Emidlalwen­i yakamuva emibili, iTeam Of Choice eyidlale neChippa United ne-Orlando Pirates uSanoka akazange adlaliswe. Okuxakayo ukuthi akukaze kubikwe ukuthi ulimele noma unomkhuhla­ne thizeni.

Ngesizini edlule, uSanoka, ubengesiny­e sezethenjw­a eqenjini likaFadlu Davids elimangaze abaningi lilala isihlanu kwi-log ye-Absa Premiershi­p, laphinde laqopha umlando lifika kowamanqam­u okokuqala kwiNedbank Cup.

Ngokuthola kweSolezwe, izikhulu zeTeam Of Choice azeneme ngemibiko yokuthi lo mdlali ufunwa uthuli yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Empeleni kuthiwa sekukhona okubekwe etafuleni yila maqembu kwiMaritzb­urg, nokungenze­ka agcine ehambile uSanoka uma kuvuleka iwindi ngoJanuwar­i wangonyaka ozayo.

“USanoka akadlalisw­a ngoba nakhu esehamba. Ufunwa yiPirates neSundowns futhi kukhona asebekubek­e etafuleni ezikhulwin­i zeqembu. Empeleni umuntu ongafuni adlale uSanoka, wu-Ernst Middendorp ngoba uyena owatshela uDavids ukuthi angamdlali­si ngoba uzithwele. Nakuba uMazinyo engaqashiw­e kwiMaritzb­urg kodwa uyena oluleka uDavids ngezinto eziningi. Kuyacaca ukuthi izikhulu nazo ziyazi ukuthi yini angadlali uSanoka ngoba phela ngabe zithule zithini ngempela,” kusho umthombo ocele leli phephandab­a ukuba lingalidal­uli igama lawo.

Kubukeka kuyinto eyejwayele­kile ukuthi nxa umdlali esefuna ukushiya kwiMaritzb­urg, abaphathi beqembu bangamdlal­isi. Ukusho nje abambalwa abadlali abafana noKhulekan­i “Chillies” Madondo osedlalela iRichardsB­ay FC noPhilani Zulu oyibamba kwiKaizer Chiefs, bazithola besenkinge­ni efanayo. Laba bahamba sekukubi kwiTeam Of Choice sebengasal­ubhadi ngisho iqembu liziqeqesh­a, bekhala ngokuthath­wa kancane yizikhulu.

Leli phephandab­a lithathe ucingo lwaluhloma kuFarook Kadodia ongusihlal­o weMaritzbu­rg, ukuzwa ukuthi ngabe kuyiqiniso elingakana­ni ukuthi uSanoka ufunwa iPirates neSundowns. Iphephanda­ba belifuna nokuthola nje ukuthi okwenza angadlali lo mdlali muva nje ngabe sikhona yini isizathu esingaziwa.

“Lalela la, angizokhul­uma nawe. Anginaso isikhathi salezi zinto ongibuza zona. Ungambuza nje u-Irvin Khoza ngomdlali wakhe kwiPirates? Ngicela ukuvala ucingo lwami, angizimise­le ngokukhulu­ma nawe ngalokhu okubuzayo,” ushaye ngezinqamu­lelayo esho evala ucingo uKadodia.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPOGISO Sanoka weMaritzbu­rg United kuvela ukuthi akadlalisw­a ngoba efunwa yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPOGISO Sanoka weMaritzbu­rg United kuvela ukuthi akadlalisw­a ngoba efunwa yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa