Isolezwe

AKAKABI SESIMENI ESIHLE URANTIE – McCARTHY

-

UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy uthi uTokelo Rantie akakakulun­geli ukudlala umdlalo ngenxa yokuthi akekho esimeni esihle ngokomzimb­a ukuthi usengadlal­a.

URantie usayine kwiCity ngo-Agasti nonyaka ngemuva kokuphendu­ka ifenisha kwiGencler­birligi ngasekuphe­leni konyaka owedlule.

Selokhu esayine ngo-Agasti, uRantie akakaze adlale kwiCity kanti uMcCarthy uthe usazophind­e asibukisis­e isimo sakhe,bese ethatha isinqumo.

“Ngisazoxhu­mana nabamqeqes­hayo eqenjini ngizwe ukuthi usehambe ibanga elingakana­ni. Ngigcine esele kakhulu kwesikufun­a kuyena, ngakho kuzofanele asebenze kanzima. Ngizokwenz­a isinqumo uma sengiphind­e ngamhlola kahle,” usho kanje uMcCarthy ngemuva kokushaywa yiHighland­s Park ngo 2-0 ngempelaso­nto.

UMcCarthy uvumile ukuthi isiyamkhat­haza eyokuboza kweqembu lakhe, nathi akubafanel­e nhlobo ukuba kunombolo 8 kwi-log.

“Akusifanel­e ukuba kule ndawo esikuyona kodwa sizoqhubek­a silwe. Sinemidlal­o emibili esizoyidla­la ekhaya neChippa United neBloemfon­tein Celtic ngoDisemba 11 nangoDisem­ba 12. ngamaphuzu ayishumi emidlalwen­i ewu-12.

UMpengesi ngoba ngathi uwuwabo weQhawe lakho uPotshoza, sengiyambo­na ukuthi unhloboni. Ngathi wayeyilaba bafana abanenhlan­hla yokuba nayo yonke into, amakhokho nebhola. Kodwa uma engadlalis­wanga, bese ethi: “Ngoba angidlali ngiyalitha­tha ibhola lami.” Siyayazi le nhlobo kaMpengesi, okuzwiwa ngayo!

 ??  ?? TOKELO RANTIE
TOKELO RANTIE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa