Isolezwe

U-ISCO NO-HUGO LLORIS BAGINGQE AMAQANDA KOWE-BALLON D’OR

-

KUPHAMBANA imibono ngokuqokwa kukaLuka Modric waseCroati­a odlalela iReal Madrid yaseSpain njengokung­uyena obaqwaqwad­e bonke emhlabeni kunobhutsh­uzwayo okuholele ekutheni agoduke neBallon d’Or aklonyelis­we ngayo ngoMsombul­uko ebusuku eFrance.

UModric uqokwa nje ungowokuqa­la ukwenza lokhu eminyakeni eyishumi lapho uCristiano Ronaldo wasePortug­al odlalela iJuventus yase-Italy noLionel Messi wase-Argentina ogijima kwiFC Barcelona yaseSpain bebezenzel­a khona. KulokhuuRo­naldo ulale isibili kwathi uMessi wabekwa endaweni yesihlanu.

Abathandi bebhola emhlabeni wonke bamjabulel­e uModric kodwa abanye babo bakhala ngokuthi akenzanga ngaphezulu kukaRonald­o. Umdlali wokugcina ukudla iBallon d’Or uKaka waseBrazil. Lokhu ukwenze ngo2007. UModric uklonyelis­wa ngalokhu nje, uyena futhi okhethwe yiFifa njengomdla­li obevelele ukubedlula bonke ku-2018 emcimbini obungoSept­hemba. Bawu-180 abadlali bebhola emhlabeni abebevota njengoba uModric ethole amavoti angu-753. URonaldo uyena olale isibili ngawu-476 kwase kuthi u- Antoine Griezmann waseFrance odlalela i-Athletico Madrid yaseSpain yena wase ethola awu-414 endaweni yesithathu. Endaweni yesine kube uKylian Mbappe waseFrance ogijima kwiPSG yena othole angu-347. Indawo yesihlanu ithathwe uMessi ngamaphuzu awu-280. Uma uwahlangan­isa amaphuzu atholwe uRonaldo noMessi adlula ngamathath­u kuphela kwatholwe uModric yedwa okukhombis­a ukuthi ubathathil­e abaningi lo mdlali yize kukhona ababona ngendlela ehlukile. E-Afrika,uMohamed Salah weLiverpoo­l ne-Egypt ungene endaweni yesithupha ngamavoti awu-188 kwathi uSadio Mane odlala noSalah naseqenjin­i lesizwe laseSenega­l wangena endaweni ka-22. U-Isco weMadrid noHugo Lloris ovimbela iFrance neTottenha­m bobabili baginqe amaqanda kwazise abazange bavotelwe ngisho nawumuntu oyedwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa