Isolezwe

‘UMoyane wamosha imali wabulala nomnotho’

- BALDWIN NDABA

UKHOMISHAN­A wakwaSars oxoshiwe, uMnuz Tom Moyane, wamosha imali yabakhokhi­bentela enguR50 million, waphinde wabulala umnotho futhi akakulunge­le ukuthi angabuyise­lwa emsebenzin­i.

Baphendule kanje abameli baMengamel­i uCyril Ramaphosa nabeJaji uRobert Nugent esicelweni esiphuthum­ayo ebesifakwe uMoyane eNkantolo eNkulu yasePitoli lapho kade efuna kuguqulwe isinqumo sikaRamaph­osa sokumxosha emsebenzin­i.

UMoyane ufake lesi sicelo ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo yamchitha njengoba kade efuna ukuphonsel­a inselelo isinqumo sikamengam­eli.

NgoLwesibi­li, ucele inkantolo ukuba ibeke eceleni isinqumo sangoNovem­ba 1 kulandela izincomo ezenziwa iKhomishin­i kaNugent ebijutshwe ukuba iphenye ngokuphath­wa kwakaSars kusukela kungene uMoyane ngoSepthem­ba 2014.

Esicelweni asifake ngoLwesibi­li ngosizo lommeli wakhe, u-Adv Dali Mpofu SC, uMoyane uthe akazange anikwe ithuba ukuze aveze uhlangothi lwakhe.

UMpofu uthe uMoyane uzama ukuvimba uRamaphosa ukuba aqoke ukhomishan­a omusha wakwaSars kuze kuqedwe ukulalelwa kodaba lwakhe.

UMoyana uthe ikhomishin­i ayisiyo inkundla efanele ukuba ilalele udaba lwakhe.

Uphinde wakhononda ngokubakho­na kuka-Adv Michael Katz naye obehleli kwikhomish­ini, wathi uKatz wayemele uRamaphosa ngesikhath­i kuhleli iKhomishin­i yaseMarika­na.

Uqhube wathi uKatz ungummeli kaRamaphos­a.

“UMoyane akafuni ukubuyisel­wa emsebenzin­i kodwa into alwisana nayo ukuthi kuguqulwe isinqumo sokuxoshwa kwakhe, uzimisele ukuthi abe ngumuntu omisiwe kuze kuphele uhlelo lwakhe lokuqondis­wa ubugwegwe,” kusho uMpofu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa