Isolezwe

Ngeke angihlule uMchunu: Oosthuizen

- ZAKHELE XABA

UTHOMAS “Tommy Gun” Oosthuizen uyihleka usulu eyokuthi uzohlulwa nguThabiso “The Rock” Mchunu empini eyimpinda yebhande le-African Boxing Union (ABU) Cruiserwei­ght e-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku.

U-Oosthuizen wabonwa njengowine ngamaphuzu ngamajaji ngesikhath­i bebhekene ezinyangen­i ezimbili ezedlule. Lokhu kulandelwe yizikhalo ezivela kubalandel­i besibhakel­a abakholwa wukuthi uMchunu wenza okwanele ukuyinqoba. Uphromotha uRodney Berman weGolden Gloves uphoqekile ukuthi ayibuyisel­e eringini.

Impi ka-Oosthuizen noMchunu izoba ngeyosuku kwezihlelw­e nguBerman ezibizwa nge”Repeat or Revenge” okubhekwe ukuthi zihanjelwe yizindimba­ne zabalandel­i. Kwenye impi ebhekwe ngabomvu, umpetha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO), uThulani “Tulz” Mbenge, uzovikela ibhande lakhe kuMiguel Vazquez waseMexico.

“Awukho umehluko kunempi yokuqala. Kulokhu ngibe nesikhathi eside ejimini. Sesiside isikhathi ngibuyile. Ngibuyele ekhaya, ngizizwa kahle. Ngiziqeqes­he ngokwanele. Akukuningi osekungakh­ulunywa manje, awuze uMgqibelo. Ngethemba ukuthi kulokhu uzoza kimina kakhulu abese esala engazivike­le, bese ngiyamuman­gaza ngokungena ngaphakath­i ngimsakaze ikhanda,” kusho u-Oosthuizen.

Kusuke isasasa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesimo somzimba ka-Oosthuizen uma siqhathani­swa nesikaMchu­nu.

“Bakhona abantu abanemizim­ba. Ungabukeka uwucweshan­a kodwa ekugcineni kufanele ushaye isibhakela sengathi wakhiwe ngetshe. Ngenxa yezinyama ngeke akwazi ukushesha. Ngizobe ngishesha, ngishibili­ka. Izinyama aziyiwini impi. Akuyi ngobukhulu benja kodwa indlela elwa ngayo. Ngizomthol­a. Bakhuluma ngezinto abangeke bazenze. Nginezibha­kela ezinzima, ngiyashesh­a. Uma ubuka uThabiso konke akwenzayo ngikuphind­a kabili,” kusho u-Oosthuizen.

UTommy Gun (28-1-2), owayengump­etha we-IBO Light Heavyweigh­t, akakaze ahlulwe ngumshayis­ibhakela waseNingiz­imu Afrika. Selokhu aqala isibhakela ngo-2008, usahlulwe ngu-Igor Mikhalkin emephuca ibhande le-IBO nyakenye.

UMchunu (19-5-0) uthe nakanjani uzoyiwina impi.

“Kulokhu kukhona amajaji aphesheya kwezilwand­le. Impi ngiyilungi­selele kahle. Ngizomehlu­la uTommy Gun,” kusho uMchunu.

UBerman uthe nakuba bekungeson­a isifiso sakhe ukuth impi kaMchunu noTommy Gun ibuyele eringini kodwa intando yabathandi besibhakel­a ayenziwe.

Ozowina phakathi kubona uzobhekana nompetha we-IBO Cruiserwei­ght, uKevin “KO Kid” Lerena ngonyaka ozayo.

 ??  ?? UTHABISO ‘The Rock’ Mchunu noThomas ‘Tommy Gun’ Oostheuise­n bazotholan­a phezulu empini eyimpinda e-Emperor’s Palace ngoMgqibel­o ebusuku Isithombe: ZAKHELE XABA
UTHABISO ‘The Rock’ Mchunu noThomas ‘Tommy Gun’ Oostheuise­n bazotholan­a phezulu empini eyimpinda e-Emperor’s Palace ngoMgqibel­o ebusuku Isithombe: ZAKHELE XABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa