Isolezwe

Ibingabali­we iBanyana oxhasweni lweSafa

- ZAKHELE XABA

ISEKWE ngemizuzu yokugcina iBanyana Banyana eqophe umlando ingena kwiNdebe yoMhlaba okokuqala.

Izolo iSouth African Football Associatio­n (Safa) imemezele uxhaso lweminyaka emithathu lwamasudi kanokusho azogqokwa yiBafana Bafana neBanyana.

Uxhaso, oluvela enkampanin­i yaseTurkey, i-D’S Damat, kuthiwa belungahle­lelwe iBanyana ekuqaleni kwezingxox­o. Nokho ukushaya kwayo into ecokeme emqhudelwa­neni i-Africa Women’s Cup of Nations, kuyakhele ugazi kubaxhasi, baqoka ukuyifaka.

Abaxhasi kade beswenkisa iKaizer Chiefs eminyakeni edlule isaqeqeshw­a nguMuhsin Ertugral waseTurkey. Uxhaso lufike kuvele kunesikhal­o ngokuthi iBanyana ayixhaseki­le ngendlela uma kuqhathani­swa neBafana. Amabhonasi atholwayo ashiyana kude kakhulu.

Isikhulu se-D’S Damat, uFerhat Saridogan, sithe udumo lwakamuva lweBanyana yilona olwenze bayicabang­ele.

“Kade saqala ukukhuluma neSafa mayelana nokugqokis­a iqembu lesizwe. Sigcine sivumelene ngokuthi bagqoke izimpahla ezisezinge­ni eliphezulu. Sifuna baswenke baconse. Ngithe ngisesikhu­mulweni sezindiza kungekudal­aa, ngabona ukuthakase­lwa kweBanyana, nganquma ukuthi nayo siyifake kulolu xhaso.

“Leli yithuba lethu lesibili eNingizimu Afrika. Eminyakeni edlule kade sixhase iChiefs, besisebanc­ane. Isizathu sokuxhasa iChiefs sasicacile. Yingoba yayiqeqesh­wa ngumqeqesh­i waseTurkey. Manje sinqume ukugqokisa isizwe sonke ngokuqoka ukuxhasa amaqembu esizwe,” kusho uSaridogan.

Umengameli weSafa, uDanny Jordan, ulwamukele ngezandla ezifudumel­e uxhaso wathi ubudlelwan­o phakathi kweNingizi­mu Afrika neTurkey budala.

“Ngesikhath­i sifuna ukusingath­a iNdebe yoMhlaba yaseseka iTurkey. Ngesikhath­i silungisel­ela ukudlala iNdebe yoMhlaba ka-2002 sadlala neTurkey. Ngaphezu kwalokho baningi abadlali bethu abadlale khona. UShoes Moshoeu wayeyinsik­a yeFernebac­he okuyiqembu elikhulu. Kufanele ube sezingeni eliphezulu ukuze udlalele leli qembu. Lolu xhaso lufika ngesikhath­i lapho amaqembu ethu esizwe enza kahle. Siyalujabu­lela kakhulu,” kusho uJordan.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beBanyana Banyana bejabula ngemuva kokuzibeki­sela indawo kwiNdebe yoMhlaba kulandela ukushaya iMali kowandulel­a owamanqamu we-African Women’s Cup of Nations eGhana ngeledlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABADLALI beBanyana Banyana bejabula ngemuva kokuzibeki­sela indawo kwiNdebe yoMhlaba kulandela ukushaya iMali kowandulel­a owamanqamu we-African Women’s Cup of Nations eGhana ngeledlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa