Isolezwe

Kuzocaca ozovunwa yisimo kwiTelkom

- INTATHELI YESOLEZWE

KUYAYE kuthiwe lokho okulotshwe phansi okuyizinom­bolo akukaze kushaye eceleni kungakhath­alekile ukuthi kusuke kukhulunyw­a ngani.

Nokho akukuningi okungashiw­o ngeBaroka FC ezobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weTelkom Knockout uma kubhekwa umlando wayo kulo mqhudelwan­o.

Umdlalo useNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

Leli qembu lizobe liqala ngqa ukudlala kowamanqam­u kodwa indlela elidlale ngayo kulo mqhudelwan­o ka-2018 ishiye abaningi bemangele. Liqale ngokushaya iLamontvil­le Golden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weLast 16.

Kuthe kusabhekwe lokho ezikaWedso­n Nyirenda zamangaza abaningi ngokuqumba phansi iMamelodi Sundowns ngo 2-0 kwi-quarter final. Abaningi bese becabanga ukuthi kuzophela ngephupho leBaroka lokwenza kahle kulo mqhudelwan­o ngesikhath­i ibhekene neBidvest Wits kodwa yaphinde yamangaza abaningi idlula ngo 1-0.

Onozinti beBaroka, u-Ayanda Dlamini, noma u-Elvis Chipezeze abakaze balilande enethini ibhola selokhu kuqale iTelkom Knockout.

Ngabe lokhu kusho ukuthini ngeBaroka? Lokhu kuchaza ukuthi iPirates izokuthola kunzima ukushaya igoli kuleli qembu. Emdlalweni wokugcina we-Absa Premiershi­p iPirates ibambane neMaritzbu­rg United ngo 0-0 nokuyinto okumele imhluphe umqeqeshi wayo uMilutin Sredojevic.

IPirates nayo ayibanga nemidlalo elula ngaphambi kokuthi ifike kowandulel­a owamanqamu. Iqale ngokubheka­na neChippa United eyishaye ngo 1-0 kwiLast 16.

Ngemuva kwalokho ihlangane naMaZulu yagcina iwine ngo 3-1 yize umdlalo wadlulela esikhathin­i esengeziwe kwi-quarter final. Umdlalo wamanqamu ubunzima kakhulu ngoba ibibhekene nezimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs eyishaye ngo 2-1.

OKUQAPHELE­KAYO: IBaroka FC isakwaze ukufinyele­la kuma-quarter final kuphela phambilini ngakho izobe iqophe umlando uma iwina iTelkom. Ngakoluye uhlangothi iPirates isifinyele­le kweyamanqa­mu eyisishiya­galolunye kwiTelkom kodwa yakwazi ukuwina umdlalo owodwa kuphela. Zizowa Mo’ ngoMgqibel­o koweTelkom Knockout.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa