Isolezwe

Uboshiwe ‘ogwaze’ isoka lafa limfuna ucansi

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIMKHALELE owesifazan­e oneminyaka engu-22 osolwa ngokubhoko­da ngommese isoka lakhe okuthiwa belimfuna ucansi ngenkani KwaDabeka.

UMnuz Sibusiso Masinga (33) ushonele emtholampi­lo KwaDabeka ngoLwesith­athu ebusuku kulandela ukugwazwa umsolwa okuthiwa bebethanda­na naye.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ongathanda­nga ukudalulwa ukuthi umufi ungene ngodli endlini kamsolwa wafuna ngenkani ucansi nokuyilaph­o kuqubuke khona ingxabano base belwa.

“Umufi nomsolwa bayathanda­na kodwa kade bexabene, umufi kuthiwa ufike walwa nomsolwa. Kuthiwa bashayene impela balimazana. Ngenxa yokuthi bekuhambe ugesi kuthiwa umsolwa uphuthazil­e wazithela phezu kommese, wabe esebhokoda isoka lakhe ngawo. Uthe esebone ukuthi selilimele, waliphuthu­misa emtholampi­lo waKwaDabek­a lapho lifike lashonela khona,” kusho umthombo.

Isolezwe lithinta umfowabo kamufi ngesigamek­o, uMnuz Sfiso Masinga, uthe ucela ukuba abuye athintwe ngesigamek­o njengoba ebesemakha­zeni elungisa izinto ezithinta umufi.

“Ngicela ungifonele ngo-3 ntambama, sizokwazi ukukhuluma ngalolu daba,” kusho uMasinga.

Uthe esefonelwa ngesikhath­i okuvunyelw­ene ngaso, ubengasalu­bambi ucingo lakhe lugcina selungena ku-voicemail.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe owesifazan­e oneminyaka engu-22 uzovela maduze enkantolo ngecala lokugwaza abulale owesilisa ona-33. Uthe umsolwa ubhekene necala lokubulala. Uphenyo ngalesi sigameko uthe luyaqhubek­a.

Omunye umthombo weSolezwe uthe lezi zithandani bezihlala ngokuxaban­a nokwenze zaze zakhetha ukuba ziqhelelan­e ukuze kuzoba nokuthula.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwemindeni yalaba bobabili ngalezi zinsolo ayizange iphumelele. Umndeni kamsolwa azitholaka­langa izinombolo zawo kanti umfowabo kamufi ubengasath­olakali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa