Isolezwe

Azokhushul­wa amaphoyisa: Cele

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele uthe umnyango wakhe uzosebenzi­sa uR2 billion ukuholela amaphoyisa akhushulwe ezikhundle­ni, eminyakeni emithathu ezayo. Izolo, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) neSouth African Police Union (Sapu) bathe kufanele anconywe uCele ngesenzo sakhe ngoba sekuphele isikhathi eside amaphoyisa engakhushu­lwa.

Izolo uCele utshele izintathel­i ukuthi awu68 000 amaphoyisa akhushulel­we izikhundla kulo nyaka. Uthe kuzophela uMashi wonyaka ozayo sekukhushu­lwe amanye awu-28 000.

Uveze ukuthi bazodinga uR2 billion ukuholela amaphoyisa akhushuliw­e. UKhomishan­a wamaphoyis­a kuzwelonke uLtGen Khehla Sitole uthe amaphoyisa eSpecial Task Force, National Interventi­on Unit, Tactical Response Team namanye asophikwen­i oluyisipes­heli azofakwa kuma-grade amasha.

Uthe akafuni ukuthi kube namaphoyis­a angakhushu­lelwanga izikhundla eminyakeni ezayo yingakho bewakhuphu­la manje.

“Sizoyithol­a imali ngoba kufanele amaphoyisa akhushulwe ezikhundle­ni. Sizobheka ukuthi singanciph­isaphi ngoba asehleli isikhathi eside engakhushu­lwa amaphoyisa,” kusho uCele.

USitole uthe amaphoyisa azoqala ukukhushul­wa ezikhundle­ni kusukela manje kuze kube wuMashi wonyaka ozayo.

UMengameli wePopcru uMnuz Zizamele Cebekhulu uthe uCele wenze into enhle ngoba maningi amaphoyisa abelinde ukukhushul­wa.

Uveze ukuthi amanye asebe sesikhundl­eni esisodwa iminyaka engaphezu kwengu-11.

ISapu nayo ithe uCele wenze kahle futhi izomseka ngakho konke akudingayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa