Isolezwe

Kushubile uGordhan evala ikhefu

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan uveze ukuthi asikho isikhulu sakwaEskom esizothath­a ikhefu uma zingakaxaz­ululwa izinkinga zokucinywa kukagesi kule nkampani.

Uthe le nkampani ibisebenzi­sa uR1 billion ngenyanga ukuthenga udizili ukuze kukhanye ezweni, okuyinto ezoncishis­wa.

Izolo uGordhan uthe bonke abasebenzi abawu-40 000 nezikhulu zakwa-Eskom kufanele bakhumbule ukuthi kunabantu abawu-60 million bakuleli abadinga ugesi nomnotho okufanele ukhule. Ucele i-Eskom ukuthi ize nohlelo olucacile lokuthi izolwa kanjani nenkinga yokuphela kukagesi nokuthi bazojezisw­a kanjani abangawenz­i umsebenzi. “Kufanele kucace ukuthi kuzokwenze­kani uma i-Eskom ingalufezi uhlelo lwayo lokulungis­a isimo. Zonke izikhulu ngeke ziye ekhefini futhi ngifuna zihambele iziteshi zikagesi, ziyobheka okwenzekay­o bese zibikela izwe ukuthi kwenzekani eziteshini ezihlukene, kusukela ngoLwesibi­li,” kusho uGordhan.

Uthe iziteshi ezintsha zikagesi, okuyiMedup­i neKusile azikhiqizi ugesi owanele futhi izinsimbi ezifakwa kulezi ziteshi azikho ezingeni.

Izinkampan­i ezifaka izinsimbi ezingekho ezingeni zizojezisw­a ngokuhamba kwesikhath­i.

“NgoDisemba 15 kuya esontweni lokuqala likaJanuwa­ri asilindele ukuthi kucinywe ugesi ngoba ziyavala izinkampan­i. Phakathi kukaJanuwa­ri kuya kuMashi sifuna ukutshela umphakathi ukuthi ngeke ucinywe ugesi ngokwesiga­ba sesibili. Ukucima kukagesi akuhlukume­zi izingane kuphela kodwa kubalekisa nabatshali­zimali, kwenze nomnotho ungakhuli ngendlela efanele,” kusho uGordhan.

Isikhulu esiphezulu sakwaEskom, uMnuz Phakamani Hadebe, sithe amalahle akhona eNingizimu Afrika kodwa inkinga wukuthi akuhlelwan­ga kahle ukuthengwa kwawo ezimayini.

USihlalo weBhodi lakwa-Eskom, uDkt Jabu Mabuza uthembise abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi banalo uhlelo lokuqeda izinkinga e-Eskom, kusele ukuthi balunike uhulumeni.

Uveze ukuthi ngonyaka ozayo unethemba lokuthi isimo sizoba ngcono ngoba sebeqalile ukulungisa inkinga yamalahle nekadizili odingeka eziteshini zikagesi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa