Isolezwe

Inselelo kwabeBMW

- MCEBO MPUNGOSE IMOTO: BMW X5

UKWANDA kwezimoto ezincintis­ana neBMW X5 kubukeka kubaphonse­le inselelo abakhiqizi bale moto baseGerman­y.

Ngeledlule abakwaBMW bethule isizukulwa­ne sesine samaX5 kuleli abathemba ukuthi sizoqhubek­a lapho kugcine khona edlule.

Selokhu yethulwa sekudayisw­e amaX5 angu-2.2 million emhlabeni jikelele.

Kuleli kutheleke izinhlobo ezimbili, okuyi yiX5 x Drive30d neX5 M50d, okuyizona zinhlobo ezidayise kakhulu eNingizimu Afrika kamuva, ngokusho kwabakwaBM­W. Eyinjini kaphethrol­i kuthiwa izofika ngonyaka ozayo.

I-X Ddrive 30d ishaya ngenjini eyi3.0 litre turbodiese­l, ekhiqiza amandla awu-195 kW ne-torque engu-620 Nm.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwawn­a engu-6.5 kanti ijubane elikhulu ngu-230 km/h.

Isikhulu esiyi M50d naso sishaya ngenjini eyi-3.0 litre kodwa enamandla athe xaxa kwazise iyiquad-turbodiese­l.

Ifuqa u-294 kW ne-torque engu760 Nm kanti ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imzuzwana engu-5.2 kuthi ijubane elikhulu libe ngu-250 km/h. Zonke zisebenzis­a i-gearbox ezishintsh­ayo oyi eight-speed Steptronic.

Ngaphandle kwamandla, benze umsebenzi oncomekayo ngendlela eyakhiwe ngayo umzimba ngokunjalo nangaphaka­thi.

Usayizi wayo uthe xaxa, okungamang­azi kakhulu kwazise kumele ibe nkundlwana kunomfowab­o omncane i-X3, oyibhobhod­leyana.

Ngaphakath­i inobuchwep­heshe obusha okubalwa kubo ama-screens amabili ayingxenye yeBMW Live Cockpit Profession­al. Iphinde ibe ne-gesture control, okwazi ukunciphis­a nokunyusa umsindo ngayo emotweni unyakazisa umunwe.

qhubeka ekhasini 5

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa