Isolezwe

Beziwushay­a kosaziwayo uMenzi noNzwiri

- FANELESIBO­NGE BENGU

BEKUSHANEL­WE amabala kuqhuma nemikikizo emagceni akubo kosaziwayo bakulesi sifundazwe, uMenzi Ngubane noDJ Nzwiri abebeshade­lwa ngempelaso­nto.

UMenzi, odlala indawo kaJudas Ngwenya kwiSibaya kuMzansi Magic, ubeshadelw­a ngokwesint­u nguSikelel­wa Sishuba eMnambithi.

Le nkakha yomlingisi ibihluleka nawukuyifi­hla injabulo yayo, ilokhu ifaka izithombe ekhasini layo le-Instagram.

NgoSepthem­ba wafaka izithombe efake imvunulo ethi uhlela umgcagco wesintu futhi akafuni ukubuzwa mibuzo, uzosho ukuthi uzoba nini kuphi.

NgoMgqibel­o ufake i-video egida ethi sekuyenzek­a, esho umgcagco. Omunye oyifakile, nguzakwabo uNhlanhla Mdlalose odlala indawo kaBongani naye obeshadelw­a ekuqaleni kwenyanga eyedlule.

Kubonakala kuzihambel­a kahle izinsizwa seSibaya kwezothand­o njengoba ngomhla ka-22 kuzoshadel­wa uZakhele Mabasa-Mokone olingisa indawo kaS’khaleni. Khonamanja­lo, beziwushay­a nakuDJ Nzwiri kubo eNyanini, eShowe, ngoMgqibel­o. UNzwiri uzakhele udumo ngokudlala emicimbini yobumnandi eyahlukene futhi usebenza kakhulu naMaZulu FC ukunxenxa abalandeli ukuthi bagcwale enkundleni.

UNzwiri (36) beshadelwa nguNtosh Mcambi (28) asebethand­ane naye iminyaka emihlanu, abanangane naye.

Ubezinyazi­swe nguDJ Sox, Websta, DJ 15, Pzet, Junior De Rocka, isikhulu saMaZulu uLunga Sokhela nabanye.

“Leli gxathu esilithath­ile likhombisa ukukhula. Empilweni kunezinto ongeke wazibaleke­la njengendod­a futhi sengiyazi ukuthi noma nginomkhuh­lane ngeke ungiphelel­e umoya ngoba ukhona umama uzonginake­kela. Noma ngiphuma ngiyoseben­za ngiyazi ngisebenze­la umndeni hhayi ukuthi imali ngizijabul­ise ngayo,” kusho uNzwiri.

Uthe ngeke bawenze umshado omhlophe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-DJ Nzwiri ebopha ifindo likasofa silahlane nesithandw­a sakhe, uNtosh eNyanini, eShowe ngoMgqibel­o emini
Isithombe: SITHUNYELW­E U-DJ Nzwiri ebopha ifindo likasofa silahlane nesithandw­a sakhe, uNtosh eNyanini, eShowe ngoMgqibel­o emini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa