Isolezwe

Isibheke kwisizini yayo ka-20 iMuvhango enomlando

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSUNGULI weMuvhango, okulindele­ke ukuthi kuqale isizini yayo ka-20 ngoJanuwar­i, uDuma Ndlovu (osesithomb­eni), uthe abantu abamnyama esikhundle­ni sokwesekan­a babheka amaphutha okucekelan­a phansi.

UNdlovu, owaqala iMuvhango ngo-1997, uthe kusukela umdlalo waqala ziningi izingqinam­ba asebedlule kuzo. NgoJanuwar­i 9 lo mdlalo okhonjiswa kuSABC 2 ngo-9 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu, uzobe uqala isizini yawo ka-20.

“Sibe nohambo olunzima abantu besibheka ukuthi yini embi esiyenzayo ukuze siqumbeke phansi. Uma umuntu omnyama kukhona into enhle ayenzayo sibheka amaphutha simcekele phansi,” kusho uNdlovu.

Uthe ngesikhath­i eqala iMuvhango, iSABC yayifuna izinhlelo ezikhuluma ngamasiko abantu abamnyama.

“Kwaba yinkinga ngoba abantu babengajwa­yele ukuzibona ngale ndlela kwithelevi­shini. Ngenhlanhl­a kaNkulunku­lu yadlondlob­ala kwaba nesasasa ngendlela engakaze ibonakale. Ngaleso sikhathi abantu babekhonze iBold and the Beautiful. Babethethi­sa ngisho umshayeli wetekisi bethi bazofika ngemuva kwesikhath­i. Thina sasidlala ngo7.30 ngoMsombul­uko,” kuchaza uNdlovu. Uthe kwakunaban­ye ababethi umdlalo uzophela ngemuva kweziqephu ezintathu kodwa ngenxa yokwesekwa, ngemuva kweminyaka emine iSABC yanquma ukuthi badlale izinsuku ezimbili ngeSonto.

UNdlovu uthe uzimisele ngokukhuli­sa umdlalo asungule neminye.

“Sisungule imidlalo emithathu. UZalo lunababuke­li abangu-10 million, iMuvhango iko-5.5 million kuthi iMbewu ibe ko-3.5 million. Kusho ukuthi ngosuku abantu abangu-18 million babuka imidlalo eqalwe yimi. Okwami ukuqeqesha abalingisi abasha futhi ngeke ngime njengoba nale eminye imidlalo isiphethwe ngabantu abasha. Nami ngaqala ngimncane futhi ngiyakhole­lwa kubantu abasha,” kusho uNdlovu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa