Isolezwe

Bathikamez­e umsebenzi wamathenda angu-16

- BONISWA MOHALE

KUPHAZAMIS­EKE uhlelo lwamathend­a kuMasipala weTheku emuva kokuthi iqulu lamadoda angaziwa licekele phansi ibhokisi okufakwa kulo imininingw­ane yamathenda, lasakaza amaphepha okufaka amathenda ngaphandle kwehhovisi elise-Old Fort Complex.

UMnuz Andre Peterson, oyinhloko yakwaSuppl­y Chain Management kuMasipala weTheku, uthe lesi sigameko esenzeke ngoLwesihl­anu siphazamis­e amathenda awu-16 okusho ukuthi ngeke zisaqokwa ngesikhath­i esifanele izinkampan­i ezizokwenz­a imisebenzi ehlukene.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwiSolezwe, uPeterson ucele abantu ukuthi bahlangane nabo uma benezingqi­namba ezithile.

“Siwavalile amanye amathenda abevuliwe ngenxa yalesi sigameko. Sizobazisa abantu ngakho konke okwenzekay­o,” kusho uPeterson.

IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza isigxekile lesi sigameko, yathi bavule icala emaphoyise­ni futhi abathintek­ayo bazotholak­ala ngoba bayabhekwa kwi-video ye-cctv.

Abantu abaqophe ama-video alesi sigameko bebezwakal­a besola iDelangoku­bona KZN Business Forum ngalesi senzo kodwa uMnuz Bhamuza Mnyandu onguSihlal­o weDelangok­ubona, uthe abazi lutho ngalesi sigameko.

Amathenda aphazamise­kile ngawokulun­gisa iziteshi zikagesi, ukusika utshani, izitshalo ezimila eduze kweziteshi zikagesi, eyokuhambi­sa iphepha likaMasipa­la weTheku elibizwa ngokuthi Ezasegagas­ini Metro, eyokuqokwa kwenkampan­i ezokwenza i-logo entsha yeTheku, eyokuqokwa kwezinkamp­ani ezizoletha izinsiza zemicimbi okubalwa amatende, ukupheka, isteji nakho konke okuthinta imicimbi.

Kuphazamis­eke ukuqokwa kwenkampan­i ezokwenza abazoqoqa ulwazi kwabahlala emzileni uC3 corridor weGo Durban! kuzophazam­iseka nokulungis­wa komgwaqo uWande Cele noMaurice Gumede ku-ward 93, kuphazamis­eke ukwakhiwa kwezindawo zokuhamba abantu emgwaqweni uMR 431 kwaward 5 eGeorgedal­e, kuzophazam­iseka nokuqokwa kwezinkamp­ani ezizolungi­sa inkundla yezemidlal­o ekuZimene Road, kwaG eNtuzuma, kuzophazam­iseka nohlelo lokufundis­a abantu ukupheka, olokulungi­swa kwamapayip­i kuMarshall Drive nolokuqoqw­a kukadoti kumaward angasebhis­hi okuwu-ward 28 no-ward 32.

Osomabhizi­nisi abanemibuz­o ngokuphaza­miseka kwalezi zinhlelo bayalelwe ukuba bathumele i-email ku-scmsupplie­rqueries@durban. gov.za

ULt Col Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala lokucekela phansi impahla esiteshini iDurban Central, bekungakab­oshwa muntu njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo lwawo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa