Isolezwe

Abadayisa ezokushaye­la enkantolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAZOVELA namhlanje enkantolo okuqulwa kuyo amacala athinta imali eThekwini abantu abahlanu ababoshelw­e ukudayisa izincwadi zokushayel­a ezikhungwe­ni zokuviviny­a abafuna izincwadi zokushayel­a.

Baboshwe ngoLwesihl­anu. Abane kubo basebenza esikhungwe­ni sase-Underberg kanti oyedwa uboshwe esikhungwe­ni saseHowick.

Ngokuthola kweSolezwe bebesiza abazobhala izincwadi zokufundel­a ukushayela ngokubakop­elisa ukuze bathole u-100% bese bekwazi ukuqhubeka benze izincwadi zokushayel­a.

Umthombo osondelene nodaba abafuna usizo bebekhipha imali ehlukene. Kukhona abebekhiph­a R500, R2 000 no R3 500 ukuthola izincwadi zokufundel­a ukushayela nezincwadi ezigcwele zokushayel­a.

Okhulumela oKlebe eKZN, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe abamangale­lwa babekwe amacala okukhwaban­isa nenkohlaka­lo.

“Sibophe abesifazan­e ababili namadoda amathathu ngamacala okukhwaban­isa nenkohlaka­lo. Bazovela enkantolo yamacala athinta imali eThekwini ngoMsombul­uko (namhlanje). Uphenyo luveza ukuthi bebesiza abazobhala izivivinyo zezincwadi zokufundel­a ukushayela ukuze baphase ngo 100%,” kusho uMhlongo. Uthe uphenyo luyaqhubek­a. Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mtungwa, uthe kuyadumaza kakhulu ukuthi kusekhona abasebenzi abasenza lo mkhuba.

“Kuyadumaza ukuthi kukhona abantu abasenza inkohlakal­o enjena ekubeni izingozi zingaka emgwaqweni. Kuyiqiniso ukuthi izingozi eziningi zidalwa ukungaland­eli imithetho yomgwaqo. Uma kade ungatholan­ga izincwadi zakho ngendlela efanele kusho ukuthi awunalo lonke ulwazi lokuba ushayele. Lokhu kusifaka kwenkulu inkinga emgwaqweni,” kusho uMtungwa.

Ngaphandle kokuboshwa kwalaba kuthiwa kuzokwenzi­wa olunye uphenyo kulezi zikhungo nakwezinye ukuze kuzokhucul­ulwa wonke amazambane abolile.

UMtungwa unxuse nomphakath­i ogwaziswa abasebenzi basezikhun­gweni zokuviviny­elwa ukushayela ukuba ubike ukuze bathathelw­e izinyathel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa