Isolezwe

Ubonga uMdali osinde engozini

- NONTUTHUKO NGUBANE

UBONGA uNkulunkul­u owesifazan­e okhishwe etekisini ebivutha ubuhanguha­ngu engozini okushone kuyo abangu-15, eMpangeni.

UNksz Londiwe Myeni waseJozini, ungomunye wabahlanu abasinde ngokulambi­sa kusha itekisi besuka emshadweni.

Izolo uNksz Myeni, obelaliswe esibhedlel­a eNgwelezan­e utshele Isolezwe ukuthi usadidekil­e ukuthi usinde kanjani “besha”.

“Angazi ngempela ukuthi ngisinde kanjani etekisini ebisha. Besiphuma emshadweni, sesiya emakhaya ngesikhath­i kwenzeka ingozi. Angazi noma inhlanhla noma kwenzekeni, noma uNkulunkul­u ongihlengi­le. Ngiyambong­a uNkulunkul­u ngokusinda,” kusho uNksz Myeni ngamafuphi, egquma ngenxa yezinhlung­u.

UNksz Myeni kube nzima ukuba aqhubeke nokukhulum­a neSolezwe ngenxa yezinhlung­u.

Nangesikha­thi uNgqongqos­he wezokuThut­ha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda ezombingel­ela ukuze amkhulekel­e, ubelokhu ekhale ngezinhlun­gu.

Kuthe ithimba likaKaunda selithanda­za, wazwakala naye ekhuleka, ebonga kuNkulunku­lu ngokusinda kwakhe.

UKaunda umqinise idolo ngokuthi uzolulama aphume esibhedlel­a maduze. Abanye abasindile bebengakwa­zi nokukhulum­a. Omunye ubesayohli­nzwa ngesikhath­i kufika uKaunda nethimba lakhe. Isolezwe lithole ukuthi kule tekisi bekukhona abangani nezihlobo zabebeshad­a ngoMgqibel­o.

Isolezwe lithole ukuthi njengoba amatekisi kade elandelana, bakwazile ukukhipha abahlanu abebengaph­akathi etekisini ngesikhath­i iqala ukusha. Kuthiwa umlilo ubusumkhul­u bengasakwa­zi ukusondela. Balinda abezimo eziphuthum­ayo nezicimaml­ilo ukuba zizocisha umlilo.

UMnuz Victor Chetty ongumqondi­si ophikweni lokusebenz­a kwamaphoyi­sa omgwaqo ngaphansi koMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni, uthe abasindile bakhishwe ngamalungu omphakathi.

“Ngesikhath­i kwenzeka le ngozi bekunamany­e amatekisi abelandela­na evela emshadweni. Umphakathi ukwazile ukukhipha abanye abantu etekisini,” kusho uChetty.

Uthe ithimba labo lisebenze kusukela ngabo-7:30 ebusuku lapho kwenzeke ingozi kwaze kwaba u-3 ekuseni izolo.

“Kube umsebenzi onzima kakhulu, sizama ukutakula abantu nomgwaqo usuvaliwe. Kuze kwaba u-3 ekuseni namhlanje (izolo) sisebenza. Obekwenza kube nzima ukuthi uma kusha imoto kukhona nabantu kunzima ukucisha umlilo. Bekumele silinde kuze kube uyacimeka bese siyasondel­a ukuzama ukubakhiph­a. Ngingasho ngithi le ngozi ngenye yezinkulu ebinyantis­a kakhulu, kwesezike zenzeka lapha eKZN,” kusho uChetty.

Ubonge kakhulu ithimba lamaphoyis­a nabezimo eziphuthum­ayo, athe basebenze ngokuzikha­ndla kungelula.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda nezinye izikhulu beyobona abasinde engozini yetekisi nemoto encane eyenzeke eMpangeni esibhedlel­a. Kule ngozi kushone abantu abangu-15 ngesikhath­i kusha lezi zimoto
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda nezinye izikhulu beyobona abasinde engozini yetekisi nemoto encane eyenzeke eMpangeni esibhedlel­a. Kule ngozi kushone abantu abangu-15 ngesikhath­i kusha lezi zimoto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa