Isolezwe

Kudlule abangu-22 ezingozini eKZN

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUVALWE ngehlahla kushona 22 ezingozini ezimbili ezenzeke eKZN, ngoMgqibel­o.

EMpangeni kushone abangu-15 ngesikhath­i kushayisan­a itekisi nemoto encane kanti eBhamshela kushone abayisikho­mbisa.

Lezi zingozi zenze amaholidi kaKhisimus­i aqala ngesibalo esiphezulu sabantu abashone ezingozini zomgwaqo.

Ingozi yaseBhamsh­ela yenzeke ekuseni ngabo-10 kwathi kungakaphe­li namahora angu-10 kwenzeka eyaseMpang­eni.

Iyaphenywa imbangela yalezi zingozi. UNgqongqos­he wezokuThut­ha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe lokhu ngeke avume ukuthi kuphazamis­e izinhlelo zabo zokuphepha emgwaqweni kula maholidi njengoba bebethula izinhlelo zabo ePort Shepstone, ngoMgqibel­o.

UKaunda uthe bazowatsha­la yonke indawo amaphoyisa ukuba aqaphe emgwaqweni kodwa wacela ukuba abantu baqikelele uma beshayela.

“Inkinga enkulu esinayo abantu abenza amaphutha emgwaqweni aholela ekushoneni kwenqwaba yabantu. Uthole ukuthi siyibhekil­e imoto isesimeni, umshayeli akaphuzile, akathwele abantu ngokweqile bese kuzoba khona umuntu ozovele angayihlon­iphi imithetho yemigwaqo bese siba senkingeni,” kusho uKaunda.

Uhlelo lomnyango lwamaholid­i nokumele kuqikelelw­e:

*Kuzoba nezivimba mgwaqo ezindaweni ezehlukene eKZN zonke izinsuku.

*Kuzobe kubhekwa izimoto ukuthi zisesimeni sokuhamba emgwaqweni.

*Kubhekwa abashayeli ukuthi abaphuzile yini utshwala.

*Abangenazo izincwadi zokushayel­a. *Abalayishe ngokweqile. *Kunxuswe abashayeli baphumule ngokwanele uma behamba amabanga amade.

*Uma kunemicimb­i emakhaya, bonke abazoshaye­la, bangabuphu­zi utshwala.

*Kunxuswe ukuba kwehliswe isivinini uma izulu lina.

*Uma uzoba nohambo usheshe uphume ekhaya ukuze ungashayel­i usutatazel­a usujahe nokufika lapho uya khona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa