Bashe baphela engozini enyantisayo
LUPHELE kabuhlungu uhambo lokuya emshadweni kushona abantu abangu-15 engozini enyantisayo ephakathi kwetekisi nemoto encane eyenzeke emgwaqweni uN2 eMpangeni, uma ubheke ngaseNseleni.
Ingozi eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku ibandakanya itekisi ebithwele abangani nezihlobo bevela emshadweni obusePort Durnford, eSikhaleni sebebuyela eJozini.
Ngokuthola kweSolezwe amatekisi amathathu abelandelana ephuma emshadweni ngesikhathi kwenzeka ingozi.
Imibiko engakaqinisekiswa ithi phakathi kwetekisi nemoto encane, kukhona obesika efuna ukudlula ngesikhathi betholana phezulu. Bashayisana.
IQuantum kuthiwa ishayisane nemoto yabe isiphenduka, yagcina igibele phezu kwemoto encane iMercedes Benz C63 (V8) ebihamba abantu abathathu. Lezi zimoto zibe sezigqamuka amalangabi, zinabantu phakathi.
Etekisini kushone abantu abangu-12. Abebehamba ngemoto encane bashone bonke. Kusinde abantu abahlanu kule ngozi. Oyedwa udedelwe izolo, abane basagcinwe esibhedlela eNgwelezane.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uvakashele abasindile esibhedlela eNgwelezane, abanye benamanxeba okusha.
Kuvele ukuthi omunye osindile, amanxeba akhe angu-35 degrees wokusha waphinde wahogela nentuthu.
Abanye bebengakwazi nokukhuluma, kubonakala ukuthi baxinekile.
“Kule ngozi sithole ukuthi bangu-15 abantu abashonile bevela emcimbini (umshado). Ngeshwa bobabili abashayeli balezi zimoto bashonile. Sike sifise ukuba umshayeli obesephutheni asinde ukuze ezoshushiswa, kulokhu ngeshwa ngeke kwenzeke. Kusidumazile kakhulu ukuba siqala nje amaholidi kaKhisimusi kushone abantu abaningi kangaka.
“Okwamanje asikayazi imbangela yengozi ngaphandle kokuthi izimoto zishayisene zabe sezigqamuka amalangabi. Kusazophenywa ukuthi bekwenzenjani,” kusho uKaunda.
Abashonile kuvele ukuthi bashe kakhulu okuzophoqa ukuba bahlukaniswe ngokwenziwa kolibofuzo.
Isolezwe lithole ukuthi umuntu wesi-15 oshonile bekuyingane.
Ithimba likaKaunda izolo lisuke esibhedlela, emuva kokukhulekela abasindile, lalibangisa lapho kwenzeke khona ingozi.
Umgwaqo okuphambana kuwo izimoto uqondile, eceleni kunotshani. Kuphinde kube nocingo olubiyele elinye lamapulazi.
UKaunda nethimba lakhe babe sebeyobona izimoto ezilimele eSikhaleni. Kulezi zimoto ebezishe zaphela, bekusabonakala izimpahla ezishile, kukhona nezinye izicubu zabantu ezibonakalayo.
“Okwamanje imindeni besingakayitholi yonke njengoba kuzomele izokhomba amalungu ayo ashonile, abanye kwenziwe ulibofuzo.
“Uma kwenzeke ingozi efana nalena ithimba lethu liqoqa imininingwane yemindeni ukuze yaziswe,” kusho uKaunda.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uLt. Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe amacala angu-15 okubulala ngokungenhloso. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Imizamo yeSolezwe yokuthola abebeshada ayizange iphumelele izolo.