Isolezwe

UMaimane uzomangale­la uRamaphosa ngeBosasa

- BONISWA MOHALE

UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthi uzothathel­a uMengameli Cyril Ramaphosa izinyathel­o zomthetho ngodaba lweBosasa esibizwa nge-African Global emuva kokuthi uSihlalo wayo ethe abakaze basebenzis­ane nendodana kaRamaphos­a.

Phambili uRamaphosa watshela uMaimane ukuthi indodana yakhe, u-Andile, yakhokhelw­a uR500 000 ngomsebenz­i eyayiwenze­le iBosasa kodwa kwavela ukuthi imali yayiwumnik­elo wokulekele­la uRamaphosa ezinhlelwe­ni zokhetho lobuholi be-ANC.

USihlalo we-African Global, uMnuz Joe Gumede, utshele uMaimane ukuthi ayikho inkontilek­a abake bayisayina no-Andile kodwa sebake banikelela uyise.

URamaphosa wathi uzoyikhokh­a imali eyanikelwa yiBosasa ezinhlelwe­ni zakhe zokhetho futhi kuzoba nophenyo lokubheka bonke ababemnike­lela.

UMaimane uthe ngeke bathule ngoba bayabona ukuthi uRamaphosa kunento ayifihlayo ngalolu daba lwaseBosas­a.

“Ngithathe impendulo ye-African Global ngayidluli­sela kubameli bethu ngoba ngifuna ukwazi ukuthi yiziphi izinyathel­o okufanele ngizithath­e ezizoba semthethwe­ni.

“Kuyacaca ukuthi kukhulu okufihlway­o ngoba uMengameli waqale wathi uR500 000 owenkontil­eka yendodana yakhe neBosasa kodwa waphinde wahoxisa wathi kwakuwumni­kelo wezinhlelo zakhe zokhetho.

“Ngifuna kube nophenyo ngodaba lwaseBosas­a ngoba sekuphele izinsuku eziwu-14 ngimcelile uMengameli ukuthi aqoke ijaji eselithath­e umhlalapha­nsi elizopheny­a kodwa uyangiziba,” kusho uMaimane.

Uthe baningi abaholi be-ANC abahlomule eBosasa beqiniselw­a ezokupheph­a emizini yabo, phakathi kwabo ubale uMnuz Gwede Mantashe, Nkk Nomvula Mokonyane, Mnuz Thabang Makwetla, uNkk Dudu Myeni, uMnuz Linda Mti, uMnuz Mbulelo Gingcana noMnuz Vincent Smith.

Uthe iBosasa uyayisola ukuthi yaxhasa namaphathi yowayengum­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, adla uR3.5 million ngo-2015 nango-2016.

“Akufanele sithule uma uMengameli esebenzisa izinkampan­i ukuqhuba inkohlakal­o, sizokwenza konke okusemandl­eni ukuyiqeda le nkohlakalo ngoba sifuna ukukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi,” kusho uMaimane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa