U-800 usemajele akwamanye amazwe
EMUVA kokuboshwa kwabesifazane abane ngokushushumbisa izidakamizwa emkhunjini wokungcebeleka, uMnyango wezangaPhandle udalule ukuthi bangaphezu kuka-800 abantu baseNingizimu Afrika abasemajele akwamanye amazwe.
Ngesonto eledlule Isolezwe libike ngokuboshwa koNksz Londiwe Shange (27), Wandile Mhlongo (29), Thembeka Sokhulu (36) noNksz Viwe Tshaka (23). Baboshwe ngoNovemba 17.
Bavele enkantolo yeMantshi yaseFlorida, eMiami, ngoMsombuluko.
Babekwe amacala okushushumbisa izidakamizwa, awokutholakala nazo ngenhloso yokuzisabalalisa.
Bayawaphika wonke amacala ababekwe wona.
Ummeli kaNksz Sokhulu, uMnuz Roger De Jesus Cabrera, uthe ababoshiwe abanankinga bayaphila ezitokisini kodwa imindeni yabo ibingakaxhumani nabameli. Uma belahlwa ngamacala bangase bagwetshwe iminyaka ewu-10 noma udilikajele.
UMnuz Ndivhuwo Mabaya woMnyango wezangaPhandle uthe bayazi ngokuboshwa kwabo wathi uma benza ucwaningo ngabantu abasuke beboshelwe ukushushumbisa izidakamizwa bathola ukuthi bangena kulo mkhuba ngenxa yokufuna imali esheshayo.
“Uma sikhuluma nabantu ababoshelwe ukushushumbisa izidakamizwa kwamanye amazwe, sithola ukuthi basuke befuna imali esheshayo. Ucwaningo luveza ukuthi bayengwa yimali ukuthi benze lo msebenzi. Uhulumeni waseNingizimu Afrika uyaxhumana nohulumeni walapho kusuke kuboshwe khona izakhamuzi zawo,” kusho uMabaya.
Uthe bayabaseka bonke abantu baseNingizimu Afrika ababoshwe kwamanye amazwe nalabo abaye baphenduke ondingasithebeni.
“Siyabavakashela abasuke beboshiwe nabadinga usizo lwethu kwamanye amazwe. Ngebhadi usizo esibanika lona aluthinti imali kodwa siyaxhumana nemindeni yabo ukuyazisa ngesimo sabo. Sidlulise nemiyalezo abasuke besiphathise yona,” kusho uMabaya.