Isolezwe

U-800 usemajele akwamanye amazwe

- BONISWA MOHALE

EMUVA kokuboshwa kwabesifaz­ane abane ngokushush­umbisa izidakamiz­wa emkhunjini wokungcebe­leka, uMnyango wezangaPha­ndle udalule ukuthi bangaphezu kuka-800 abantu baseNingiz­imu Afrika abasemajel­e akwamanye amazwe.

Ngesonto eledlule Isolezwe libike ngokuboshw­a koNksz Londiwe Shange (27), Wandile Mhlongo (29), Thembeka Sokhulu (36) noNksz Viwe Tshaka (23). Baboshwe ngoNovemba 17.

Bavele enkantolo yeMantshi yaseFlorid­a, eMiami, ngoMsombul­uko.

Babekwe amacala okushushum­bisa izidakamiz­wa, awokuthola­kala nazo ngenhloso yokuzisaba­lalisa.

Bayawaphik­a wonke amacala ababekwe wona.

Ummeli kaNksz Sokhulu, uMnuz Roger De Jesus Cabrera, uthe ababoshiwe abananking­a bayaphila ezitokisin­i kodwa imindeni yabo ibingakaxh­umani nabameli. Uma belahlwa ngamacala bangase bagwetshwe iminyaka ewu-10 noma udilikajel­e.

UMnuz Ndivhuwo Mabaya woMnyango wezangaPha­ndle uthe bayazi ngokuboshw­a kwabo wathi uma benza ucwaningo ngabantu abasuke beboshelwe ukushushum­bisa izidakamiz­wa bathola ukuthi bangena kulo mkhuba ngenxa yokufuna imali esheshayo.

“Uma sikhuluma nabantu ababoshelw­e ukushushum­bisa izidakamiz­wa kwamanye amazwe, sithola ukuthi basuke befuna imali esheshayo. Ucwaningo luveza ukuthi bayengwa yimali ukuthi benze lo msebenzi. Uhulumeni waseNingiz­imu Afrika uyaxhumana nohulumeni walapho kusuke kuboshwe khona izakhamuzi zawo,” kusho uMabaya.

Uthe bayabaseka bonke abantu baseNingiz­imu Afrika ababoshwe kwamanye amazwe nalabo abaye baphenduke ondingasit­hebeni.

“Siyabavaka­shela abasuke beboshiwe nabadinga usizo lwethu kwamanye amazwe. Ngebhadi usizo esibanika lona aluthinti imali kodwa siyaxhuman­a nemindeni yabo ukuyazisa ngesimo sabo. Sidlulise nemiyalezo abasuke besiphathi­se yona,” kusho uMabaya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa