Isolezwe

Umlimi akagculise­kile ngokuthath­wa komhlaba

- INTATHELI YESOLEZWE

OMUNYE wabalimi abamhlophe KwaZulu-Natal akagculise­kile ngendlela uhulumeni ahlose ukuthatha ngayo umhlaba emuva kokuba iPhalamend­e lamukele umthethosi­vivinyo wokuchitsh­iyelwa kwesigatsh­ana somthetho esigunyaza ukuba udliwe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMnuz Jacques Odendaal waseDumbe ukusho lokhu exoxa neSolezwe epulazini lakhe eliseNkonk­otha ubuze ukuthi uma umhlaba uthathwa kuzokwenze­kani ngezikwele­tu abanazo emabhange?

“Mina ngiyakwese­ka ukwabelana ngomhlaba ngokulinga­na kodwa lena yokuba kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo angiyizwa kahle. Ngikusho lokhu ngoba kumanje mina kulo mhlaba waleli pulazi nginesikwe­letu sase-Absa sikaR9 million engisikhok­ha nyangazonk­e. Ngaphandle kwaso nginesinye isikweletu sikaR109 000 semishini yokunisela ummbila njengoba ngigxile ekulimeni ummbila. Manje uma ngiphucwa umhlaba kuzokwenze­kani ngezikwele­tu zami? Engikwesek­ayo wukuba uhulumeni aseke uhlelo lokuhlukan­iselana umhlaba ukuze nabamnyama basizakale ngoba mina ngizimisel­e ukuba ngibalekel­ele kwezolimo,” kusho u-Odendaal.

Uqhube wathi akufisayo wukuba uhulumeni athenge ipulazi bese evuma ukuba yena aliqashe ngenhloso yokusiza abantu bakhe abaliseben­zisayo nabalakhel­e.

Kumanje uhlela ukunikeza imindeni emsebenzel­ayo nayifica epulazini umhlaba ongama-hectar awu-200.

NgoLwesibi­li amalungu awu209 ePhalamene avotele ukuba kuchitshiy­elwe uSection 25 kwathi awu-91 aphikisana nalokhu.

Amaqembu aphikisa umthetho yiDA,COPE, FFPLUS, AgangSA, ACDP ne-IFP.

Amaqembu aphikisayo akhala ngokuthi i-ANC isebenzisa umthetho ukukhankas­ela ukhetho nokuzama ukujabulis­a i-EFF.

I-IFP ikhononda ngokuthi abantu kabachazel­wa iqiniso ngokuchits­hiyelwa kwesigaba somthetho yingakho ingahambis­ani nawo.

Amaqembu awuvotele i-ANC, EFF, AIC neNFP.

U-Odendaal uthe uma uhulumeni engazikhok­ha izikweletu ababhekene nazo ngenxa yomhlaba abawutheng­a nabawusebe­nzisayo, akazukuba nayo inkinga yokudliwa kwawo ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Uqhube wathi yena akanacala ngoba wathenga umhlaba, akazange awebe noma awuphuce abantu yingakho ebhekene nesikwelet­u sikaR9 million.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa