Isolezwe

Luseyinkan­ankana olobukhosi bakwaMbuya­zi

- MLUNGISI GUMEDE

LUSEKUDE ukuphothul­wa udaba lombango wobukhosi bakwaMbuya­zi KwaMbonamb­i, oseludonse iminyaka eyisishiya­galombili ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo ngeledlule, esithi lolu daba aluqalwe phansi lulalelwe kabusha.

Isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo sithi kumele kubuyekezw­e ukukhishwa esihlalwen­i kwenkosi yesizwe esakhotham­a, uZwelibhek­ile Mbuyazi.

UMbuyazi ukhothame eminyakeni eyisikhomb­isa edlule.

Lolu daba lufakwe enkantolo ephakeme kunazo zonke kuleli yinkosikaz­i kaMbuyazi, uNksz Sithembile Mkhize efuna ukuthi kungene indodana yayo esihlalwen­i sobukhosi.

Lolu daba kade lwalungena luphuma ezinkantol­o ezahlukene. Abamangale­lwa kuleli cala uNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnuz Willies Mchunu, uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu esifundazw­eni, umfowabo wenkosi, uMnuz Mkhanyisen­i Mbuyazi. UZwelibhek­ile noMkhanyis­eni bobabili bangamadod­ana enkosi esiyakhoth­ama uMtholeni.

UZwelibhek­ile ukhothame kade ethathe izintambo zobukhosi ngo-2006.

“Kodwa kwaba nombango emndenini ngokuthi ngubani okumele abe yinkosi, umndeni wabe usuqoke isazi samasiko uSolwazi Langelihle Mathenjwa ukuba aphenye, aphinde axazulule lolu daba,” kusho amaphepha esinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo.

UMathenjwa wathi uMkhanyise­ni okumele abe yinkosi.

Undunankul­u wabikelwa ngesiphaka­miso sikaMathen­jwa, wabe esehoxisa ukuhloniph­a kwakhe uZwelibhek­ile njengenkos­i.

UZwelibhek­ile wabe esefaka udaba enkantolo ukuze kubuyekezw­e isinqumo sikandunan­kulu.

Ihhovisi likaNdunan­kulu lasiphikis­a lesi sicelo.

UNksz Mkhize ube esefaka udaba enkantolo ngemuva kwesinqumo esasivuma umfowabo womyeni wakhe.

Isicelo sakhe sachithwa enkantolo ngo-2013, wabe eseya enkantolo yokudlulis­a amacala.

Inkantolo yokudlulis­a amacala nayo yamchitha njengoba egcine eseya eNkantolo yoMthethos­isekelo yona enqume ukuthi lolu daba aluqalwe phansi lulalelwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa