Okunye ngomfundi otholwe ezikhungile
KUSOLWA ukuthi ubezithwele umfundi waseMayville High ozikhunge ngemuva kokuthola iriphothi eliveza ukuthi ufeyilile.
ULondeka Dladla (13) waseCato Crest utholwe ngumakhelwane ezilengise ngomshuqulo emjondolo abehlala kuwo nomamkhulu wakhe ngoLwesithathu oludlule.
Kuthiwa ubetshele umzala wakhe ahlala naye ukuthi uma efeyila uzozibulala, nabanye abafundi afunda nabo ubatshele okufanayo kodwa unina omdala uthe usetshelwe omunye wabangani bakhe ukuthi umufi ubekhulelwe.
UNksz Duduzile Mkhize, unina omdala kaLondeka, uthe omunye wabangani bakamufi umtshele ukuthi ubezithwele yize engazi ukuthi ubenezinyanga ezingaki.
“Ngokuzwa kwami bahambe naye lo mngani baya ebafaneni ababili ebebengamasoka akhe, elilodwa lazihlangula, elesibili uthe libalekile. Ingane yami ithathe ngamawala. Noma ngabe ingane beyingenayise bengizoyikhulisa. Angizange ngizithole izingane, izingane zami bekunguye uLondeka nomunye umzukulu kadadewethu naye oyintandane,” esho khala.
Uqhube wathi usola ukuthi umufi uthuswe wukuthi ngempelasonto edlule uke wababiza (umufi nomzukulu oneminyaka engu16) wakhuluma nabo ngokuthi bangasheshi ukuzibandakanya nezindaba zocansi besebancane ngoba bangakhulelwa noma bangenwe yizifo.
“Mina bengibayala njengomzali ngingazi ukuthi kukhona okhulelwe phakathi kwabo. Mhlawumbe yena ubone ukuthi sengiyabona ukuthi uzithwele. Enkulumeni yami nabo ngikubeke kwacaca ukuthi uma kwenzeka kuba khona oweqa umyalelo wami, wakhulelwa, angasikhiphi isisu. Angazi ukuthi ngabe yini eyenze ukuthi yena akhethe ukuzibulala,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe unina kamufi kumele abikele umphenyi wecala ngalolu lwazi olusha ukuze isidumbu sihlolwe ukuthi ngabe lezi zinsolo ziyiqiniso yini.