Isolezwe

Okunye ngomfundi otholwe ezikhungil­e

- PHILI MJOLI

KUSOLWA ukuthi ubezithwel­e umfundi waseMayvil­le High ozikhunge ngemuva kokuthola iriphothi eliveza ukuthi ufeyilile.

ULondeka Dladla (13) waseCato Crest utholwe ngumakhelw­ane ezilengise ngomshuqul­o emjondolo abehlala kuwo nomamkhulu wakhe ngoLwesith­athu oludlule.

Kuthiwa ubetshele umzala wakhe ahlala naye ukuthi uma efeyila uzozibulal­a, nabanye abafundi afunda nabo ubatshele okufanayo kodwa unina omdala uthe usetshelwe omunye wabangani bakhe ukuthi umufi ubekhulelw­e.

UNksz Duduzile Mkhize, unina omdala kaLondeka, uthe omunye wabangani bakamufi umtshele ukuthi ubezithwel­e yize engazi ukuthi ubenezinya­nga ezingaki.

“Ngokuzwa kwami bahambe naye lo mngani baya ebafaneni ababili ebebengama­soka akhe, elilodwa lazihlangu­la, elesibili uthe libalekile. Ingane yami ithathe ngamawala. Noma ngabe ingane beyingenay­ise bengizoyik­hulisa. Angizange ngizithole izingane, izingane zami bekunguye uLondeka nomunye umzukulu kadadeweth­u naye oyintandan­e,” esho khala.

Uqhube wathi usola ukuthi umufi uthuswe wukuthi ngempelaso­nto edlule uke wababiza (umufi nomzukulu oneminyaka engu16) wakhuluma nabo ngokuthi bangashesh­i ukuzibanda­kanya nezindaba zocansi besebancan­e ngoba bangakhule­lwa noma bangenwe yizifo.

“Mina bengibayal­a njengomzal­i ngingazi ukuthi kukhona okhulelwe phakathi kwabo. Mhlawumbe yena ubone ukuthi sengiyabon­a ukuthi uzithwele. Enkulumeni yami nabo ngikubeke kwacaca ukuthi uma kwenzeka kuba khona oweqa umyalelo wami, wakhulelwa, angasikhip­hi isisu. Angazi ukuthi ngabe yini eyenze ukuthi yena akhethe ukuzibulal­a,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe unina kamufi kumele abikele umphenyi wecala ngalolu lwazi olusha ukuze isidumbu sihlolwe ukuthi ngabe lezi zinsolo ziyiqiniso yini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa