Webelwe impesheni engakayikhiphi
SIKHALA siyazithulisa isalukazi esineminyaka engu-70 saseMlaza eThekwini esintshontshelwe imali yempesheni ngabantu abangaziwa.
UNkk Phumzile Mbatha, waseMlaza kwaG ufike lapho kuholelwa khona izalukazi imali yakhe isikhishwe eMontclair ngabantu abangaziwa.
Elandisa Isolezwe ngokumehlele uthe wayeyohola esikhungweni saseMlaza ngesikhathi efika imali kuthiwa ayikho ngoNovemba.
“Ngihola imali enguR1700, ngafika kungekho lutho, bathi nje imali ayibonakali emshinini. Bathi angiye emahhovisi akwaSassa eMaweleni, lapho ngafika bangitshela ukuthi imali yami ikhishiwe eMontclair, ikhishwe abantu engingabazi ngoba angikaze ngithume muntu ukuba akhiphe imali. Kumanje nje leyo mali enguR1700 ayikaze ibuye,” kusho uNkk Mbatha.
Uthe umholo kaDisemba uwutholile ngoba usheshe waya kobheka lapho ehola khona.
Uthe yize kunjalo izikweletu nezindleko zakhe zangoNovemba zasala kanjalo, kusamele azikhokhele.
“Ngiyakhala kakhulu ngomholo wami owantshontshwa, engingazi namanje ukuthi ngizowuthola kanjani. AbakaSassa bangisayinisa ifomu bathi bazophenya ukuthi kwenzekeni. Yize kunjalo sengihlala ngokusaba ukuthi ngabe ngizohola yini ngokuzayo noma imali yami izophinde iduke,” kusho uNkk Mbatha.
Uthe okwenza isimo saba ngaphezu kwamandla ukuthi akakwazi ukuhamba kahle, ngakho uma eyohola uqasha imoto.
Ngelanga eyayimhambise ngalo kwakumele imsuse imhambise eMaweleni kwaSassa, okusho ukuthi izindleko zemoto nazo zanyuka ngenxa yaleso simo.
UNkk Mbatha uthe uyazondla nomndeni wakhe ngemali yempesheni. Futhi unakekela ngayo impilo yakhe ngoba uhlala ngokugula ekubeni uhamba ngezinduku.
Icala alizange livulwe emaphoyiseni ngaphandle kokuvula ifayela kwaSassa lokuba kuphenywe ngokwenzeka.
UMnuz Mdumiseni Hadebe wezokuxhumana kwaSassa eKZN, uthe babikelwe ngalesi simo, basaphenya ngokuhlanganyela nePost Office. Unxuse abanenkinga efanayo ukuba bathinte amahhovisi abo enombolweni ethi: 033 846 3400 noma 0800 60 10 11.