Ithemba empini yokulwa nengculazi
UKUTHOLAKALA komuntu wesibili onomzimba okhiqiza amasosha agwema ukuthi igciwane lengculazi liphenduke libe yingculazi eMlaza kunikeze abacwaningi ithemba lokuthi sekuseduze kutholakale umgomo nekhambi lokwelapha leli gciwane.
Abacwaningi abenza ucwaningo ngegciwane lengculazi ngokohlelo iHIV Pathogenesis Programme (HPP), esikhungweni iDoris Duke Medical Research Institute (DDMRI) esiseNyuvesi yaKwaZulu-Natal bathi ukuvela kwesiguli sesibili esinegciwane lengculazi esinomzimba okhiqiza amasosha akwazi ukuvimbela leli gciwane ukuthi lingagcini liyingculazi kubabeka ethubeni elihle lokuthi baqhamuke nomgomo nekhambi.
UDkt Paradise Madlala, ongomunye wabacwaningi kulesi sikhungo, uthe ngesikhathi iHPP yenza ucwaningo lwayo ngemigomo ithole esinye isiguli esinomzimba okhiqiza amasosha aziwa ngeBroadly Neutralizing Antibodies (BNA). Lokho kubanike ithemba elengeziwe ngoba neCaprisa yasithola isiguli esinjalo phambilini.
UMadlala ukusho lokhu ngesikhathi kunomhlangano wokubikela amalungu omphakathi abambe iqhaza ezinhlelweni ezehlukene ezicwaninga ngomgomo nangegciwane lengculazi ezenziwa eMlaza ngoLwesihlanu, obusesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial.
UDkt Jaclyn Mann weHPP uthe kulo nyaka bathole ukuthi ngesikhathi igciwane lengculazi liziphindaphinda egazini, eliphindaphindekile liyashintsha libe yizinhlobo ezehlukene.
“Amasosha atholakala kulezi ziguli akhathaza igciwane lesiguli elisuke lingene kuqala. Kuthatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi akheke kuleso siguli. Ngalesi sikhathi igciwane lisuke seliziphindaphinde kaningi lazishintsha okwenza ukuthi isiguli (esinala masosha) singasizakali kodwa uma sithatha lawo masosha aso siwasebenzise njengomgomo kwabanye abantu lokho kungasebenza ngoba igciwane lizobe liseyilo,” kusho yena.
Enanela le nkulumo uMadlala uthe: “Okwamanje babili abantu esibaziyo abanemizimba ekhiqiza la masosha, otholakale ngeCaprisa notholakale ngeHPP kulo nyaka. Ngesikhathi umzimba uqala ukhiqiza amaBNA igciwane lisuke selizishintshe kaningi emzimbeni wakhe kodwa siyethemba ukuthi lolu lwazi luzosisiza manje siqhamuke nekhambi,” kusho yena.
Uthe imishanguzo yokuthithibalisa igciwane yenza ukuthi lithithibale lize lingabonakali kodwa sebeyazi ukuthi lizitholela izindawo elizocasha kuzona lingabonakali futhi lisuke selishintshile lingasekona lokhu ebeliyiko ngesikhathi lingena.
“Njengamanje siqale ucwaningo lokuthola ikhambi ngokuthi sibheke ukuthi ngeke yini sakhe imishanguzo ezokwazi ukulibuyisela esimeni ebeliyiso ngesikhathi lingena emzimbeni womuntu bese sisebenzisa amasosha atholakala kulezi ziguli ezimbili ahlasela zonke izinhlobo zaleli gciwane. Lolu cwaningo okwamanje lusakhasa luke lwenziwa e-Australia lwangaphumelela ngoba bekungaziwa ukuthi igciwane elicashile lisuke selizishintshile. Thina sinethemba lokuthi imiphumela izoshintsha ngoba sesiyakwazi lokhu,” kusho uMadlala.