Isolezwe

Uphika eyemizamo yokumgudlu­za umholi weDA

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI weDA KwaZuluNat­al uMnuz Zwakele Mncwango uchitha imibiko ethi uhleli ngesinqe ngemuva kokuvela kwezindaba zetulo lokumgudlu­za esihlalwen­i.

Engxoxweni neSolezwe, uMncwango uthe akazi ukuthi ivelaphi le mibiko ethi kuhlelwa ukuba asuswe esikhundle­ni sakhe njengomhol­i weDA isifundazw­eni.

“Nami ngafunda kwabezinda­ba ukuthi kunemizamo yokungikhi­pha esikhundle­ni,” kusho uMncwango.

Uthe le ndaba ikhulunywa ezingeni likazwelon­ke hhayi lapha KwaZulu-Natal.

“Angazi ukuthi le nto isukaphi ngoba lapha KwaZulu-Natal sibumbene, ungakhulum­a noma yinamuphi umholi wenhlangan­o lapha KwaZulu-Natal uzokutshel­a le nto engiyishoy­o,” kusho uMncwango.

USotswebhu weDA esiShayamt­hetho KwaZulluNa­tal uMnuz Francois Rodgers uthe ngeke aphawule ngalolu daba wacela ukuthi kuthintwe uMnuz Athol Trollip oyiPhini likaSihlal­o wesigungu esiphezulu enhlanganw­eni.

Imizamo yokuthola uTrollip ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belungaban­jwa. Umyalezo athunyelel­we wona kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engazange awuphendul­e.

Izindaba zetulo lokuxosha uMncwango zivele ngemuva kwemibiko ethi uSotswebhu wenhlangan­o ePhalamend­e, uMnuz John Steenhuise­n akanazo iziqu zasenyuves­i lokho okwenza ikusasa lakhe lingacaci ngemuva kokhetho lwangonyak­a ozayo.

Iqembu lisola uMncwango ngokuputsh­uka kodaba lokuSteenh­uisen, kuthiwa ubuholi bukazwelon­ke bugovuza isifundazw­e ukuba sishaye uMncwango ngevoti lokungamet­hembi.

Isolezwe lithole ngemithomb­o yalo ukuthi kunempi ekhona yokucwasan­a ngokwebala eqhubekayo kwiDA.

Umthombo uthi kukhona abamhlophe abangamtha­ndi kahle uMncwango ngoba ugcwalisa abantu abamnyama enhlanganw­eni.

“Abamhlophe bathatha iDA njengento yabo, abazizwa bekhululek­ile uma bebona sekugcwele abantu abamnyama,” kusho umthombo.

Uthe iqembu lihlela ukushaya uMncwango ngenduku elishaye ngayo uNkk Patricia de Lille obeyiMeya yaseCape Town.

“Esinye isizathu mhlawumbe uMncwango ashayelwa sona wukuthi waphumela obala wakhombisa ukungahamb­isani nesinqumo sesigungu esiphezulu sokuxosha uNkk de Lille,” kusho umthombo.

 ??  ?? UMHOLI weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango okuvela izindaba ezithi iqembu lihlela ukumgudluz­a esikhundle­ni
UMHOLI weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango okuvela izindaba ezithi iqembu lihlela ukumgudluz­a esikhundle­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa